A BAFUNDI bezikole ezehlukene eThekwini badele amaholidi bathuthelana eMenzi High eMlaza beyofunda iMaths, Sayensi ne-Accounting.
Laba bafundi abenza uMatric abanye babo baqhamuka ezikoleni ezazaziwa njengezabamhlophe okuyiMowat Park, Amanzimtoti High, New Forest, Durban Girls High, Umbilo High, Brettonwood Secondary nezinye.
UMncedisi Ngcobo waseNew Forest uthe ukhethe ukuzofunda eMenzi ngamaholidi ngoba othisha babachazela kahle into bezwe.
Uthe esikoleni sakhe bajaha ukuqeda isilabhasi ekubeni abafundi basilela emuva ezifundweni.
“La sithola ithuba lokubuza othisha lapho usuke usele khona ezifundweni. Ukufunda la kuzongisiza ngoba nemiphumela yami yemaths isimihle ekubeni bengixhugela,” usho kanje.
UNtabi Bokwana waseMowat Park, uthe udele amaholidi ukuze aphucule imiphumela yemaths neye-accounting.
Uthe uzobuyela esikoleni ngelizayo esefunde lukhulu ngoba bahlabela phambili nesilabhasi.
UPretty Biyela waseVelabahleke High uthe yize kufundwa esikoleni sakhe kodwa ukhethe ukuzofunda eMenzi ukuze azuze ulwazi kwabanye othisha.
“Kumnandi ukuphuma uzwe esinye isandla sikathisha kunalo omjwayele. Kuyangisiza ukufunda imaths ngoba nemiphumela yami izothuthuka,”usho kanje.
USlindokuhle Mbhamali ofunda eWoodhust High eChatsworth uthe othisha bajaha ukuqeda isilabhasi ekubeni abafundi besala ezifundweni.
“Othisha bayashesha uma befundisa ngakho siyasala kakhulu. Lolu hlelo lokufunda ngamaholidi luyasisiza kakhulu thina esisalayo ezifundweni ukuze kuthi kubhalwa sibe sesikulungele,” kusho uSlindokuhle.
Uthishanhloko waseMenzi, uNksz Muntu Ntombela, uthe lolu hlelo lokufunda lwaqalwa ngowaye nguthishanhloko uMnuz Felix Mshololo ukuze kusizakale abafundi.
“Samukela abafundi bazo zonke izikole abasuke befuna ukusizwa ngalezi zifundo ezinzima. Othisha badele amaholidi bayafundisa kanti nangezimpelasonto yikho lokho,” usho kanje.
Sekungumlando ukuthi lesi sikole sihlale siphasa ngo-100% kwa-matric kanti uNksz Ntombela uthe abasabheki kakhulu ukuthi kuphase wonke umfundi kodwa bafuna zonke izifundo ziphaswe ngo-100%.”
Ukhalile ngokukleliswa kwalesi sikole saba ngu-Quintile 4 wathi lokhu kwenza bathole uxhaso oluncane emnyangweni kanti nohlelo lokudla abalutholi ngenxa yalokhu.