KUSHINTSHA izinhlelo zokungcwaba emindenini ngenxa yokungasebenzi kwamafriji nama-airconditioner emakhazeni kahulumeni akuMagwaza Maphalala Street (Gale), eThekwini njengoba izidumbu zingasahlinzwa kuwo kodwa sezidluliselwa kwamanye amakhaza aseThekwini namaphethelo.
Ngokuthola kwe Solezwe okwamanje izidumbu zifike zingeniswe kula makhaza akuGale Street ebese zithuthwa ngemoto zihanjiswe emakhazeni asePhoenix, KwaDukuza, Pinetown nasesibhedlela Inkosi Albert Luthuli lapho behlinzwa khona abashonile bese bebuyiselwa kuGale Street ukuze balandwe ngabamakhaza emindeni yabo.
Izolo Isolezwe lifice umndeni obuvela e-Eastern Cape uzolanda isidumbu sawo. Ufike wahambisa imininingwane kamufi watshelwa ukuthi akekho kuGale Street kuzomele ulinde ngoba usayohlinzwa ePinetown.
Omunye umndeni utshele Isolezwe ukuthi usulinde izinsuku ezinhlanu ungalitholi ilungu lawo.
“Umfowethu ungeniswe emakhazeni ngoSepthemba 24. Uma abangcwabi beyombheka emakhazeni akuGale Street ukuze siqale izinhlelo zokungcwaba batshelwe ukuthi akekho usayohlinzwa ePhoenix.
“Uma sibuza ukuthi kungani singamlandi ePinetown bathe kufanele abuyiswe lapha ngoba wonke amaphepha abhalwe ukuthi ulele kuGale Street.
“Iyasihlukumeza le nto yokuntantiswa kwezidumbu zasemakhaya. Siyacela uhulumeni ayilungise,” kusho ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa.
Isolezwe lithole ukuthi amafriji ayalungiswa emuva kokuthi izidumbu zazidliwa ngamagundane ngonyaka odlule.
Ama-airconditioner nawo asalungiswa, okusho ukuthi abasebenzi abakwazi ukuhlinza izidumbu kuMagwaza Maphalala ngoba kushisa ngokudlulele uma besebenza. Akusiwo wonke amafriji angasebenzi kwazise amanye abanda ngokwenele ukugcina izidumbu bese kuba khona amanye alungiswayo.
Abangcwabi abakhulume ne Solezwe bavumile ukuthi indaba yakuMagwaza Maphalala iyinkinga kodwa bathi abafuni ukuphumela obala ngalolu daba ngoba bangase balahlekelwe yibhizinisi uma sebephawula kwabezindaba.
UMnuz Hahalalisani Gumede, onguNobhala wePublic and Allied Workers’ Union (Pawusa) KwaZulu-Natal, ukuqinisekisile ukuthi amafriji nama-air conditioner kawasebenzi futhi amalungu abo akuMagwaza Maphalala Street aseyiswa kwamanye amakhaza kahulumeni akoPhoenix, Pinetown nezinye izindawo ukuze asebenze izidumbu zaseThekwini.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwaboMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ayiphumelelanga njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengaphendulanga.