THEMBA NTSHINGILA
KUNGAKAPHOLI maseko kubatshazwa umfundisi ofuthe abazalwane ngesibulali zinambuzane iDoom, abefundisi ababili owaseMthatha naseLimpopo nabo sebeqhamuke nokwabo.
EMthatha kuphalaze amakholwa amanye aquleka emva kokuba ephuziswe wumfundisi wawo uketshezi okukholakala ukuthi belinobuthi.
Kubikwa ukuthi angaphezulu kuka-20 amakholwa asale ezibhonqa emuva kokuphuza lolu ketshezi ngoLwesine.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe nguMnuz Sizwe Kupelo okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape, kubizwe abezimo eziphuthumayo eCity Hall eMthatha ngo-5.30 ntambama emuva kokuba kusuke lesi sidumo.
“Kusolakala ukuthi amakholwa aphuziswe uketshezi oluthile umfundisi wawo emva kwalokho aphalaza aphinde aquleka,” kusho isitatimende.
“Bangu-20 abantu abalashwe ngabezempilo endaweni yesigameko kodwa benqaba ukuba baphuthunyiswe esibhedlela. Munye kuphela ovumile ophuthunyiswe eNelson Mandela Academic Hospital,” kugcizelela isitatimende.
NgokukaKupelo, lolu ketshezi bekungakacaci ukuthi lunhloboni ngempela. Noma kunjalo uthe abezempilo namaphoyisa basaphenya ngalolu daba.
Exoxa naleli phephandaba uKupelo uthe izikhulu zezempilo zicoshe izigubhu zamajusi endaweni yesigameko nemihlanzo okuzoyohlolwa.
Kubikwa ukuthi umfundisi osolwa ngalokhu wuMphrofethi Phumzile Topi, ubalekile emva kokwenzeka kwalesi sigameko.
Kwesinye sezigameko ezifuze lezi, kubikwa ukuthi amakholwa aphuziswe iDettol wumfundisi wawo ethi uyawelapha.
Kubikwa ukuthi uMphrofethi Rufus Phala we-AK Spiritual Christian Church eMakgodu, eLimpopo, usemangaze amakholwa nomphakathi ngendlela elapha ngayo yokuphuzisa abantu iDettol.
Nakuba kuthiwa uPhala ushilo ukuthi uyaqonda ukuthi ukuphuza iDettol kungase kumbulale umuntu kodwa kuthiwa utshele amakholwa ukuthi wuNkulunkulu omthumile ukuba abaphuzise yona ukuze belapheke ezifweni zabo.
Kwenzeka lokhu nje kuneKhomishini ebhekele ezenkolo, amasiko nolimu ebiphonsa imibuzo abefundisi ‘bezimanga’ njengoba yenze izincomo ePhalamende okubhekwe ukuthi zingase ziyixazulule le nkinga.
Okhulumela le Khomishini, uNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva, ukugcizelele ukuthi abakajiki kwabafuna kwenzeke, ukuthi bonke abefundisi kumele banikezwe amalayisense futhi kube khona isigungu esizolawula ukusebenza abefundisi njengoba kwenzeka emkhakheni wodokotela, othisha nabammeli.
“Inkinga esisabhekene nayo wukuthi abefundisi abaningi abakafuni ukwamukela esifuna ukuba kwenzeke.
“Yibona manje abasibambezele ngoba bethi kufanele kube khona inkululeko kwezenkolo. Kodwa engingakuqinisekisa ukuthi noma bengaqhubeka abenza lezi zinto kodwa sizofika isikhathi lapho esizobalawula khona. Ngokwami ngabe bonke laba befundisi abenza lezi zinto kumele ngabe sebasejele," kusho uNkk Mkhwanazi-Xaluva.
Iphini enhlanganweni yabefundisisi KwaZulu-Natal, uMfundisisi Lucas Ngoetjana, uthe: "Sizimisele ukuxoxisana nale Khomishini kuze kube kutholakala isixazululo. Kodwa asifuni ukuthi kube khona abanyatheleka amakhona kulokhu kuxoxisana."
Uthe okumele kwenzeke ukuxoxisana ngesineke kungajahwa ngoba yizwi likaNkulunkulu leli akumele litatazelelwe.