AFIKELWE yizinyembezi amalungu omphakathi waKwaDlangezwa abehambele umngcwabo wosana olungcwatshwe ngaphandle kwebhokisi ngesikhathi esebona isidumbu salo ebesigoqwe ngengubo yokulala sifakwa ethuneni ngoLwesihlanu.
Kuthiwa umndeni wosana ontulayo uhlulekile wukuhlanganisa imali yebhokisi lomngcwabo.
Owayekhulumela uMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnuz Jeffrey Zikhali, ophinde abe ngumakhelwane womndeni oshonelwe, uthe uthukile ngesikhathi amalungu omndeni efika kwakhe ngoLwesihlanu ekuseni ezoboleka amathuluzi okumba ithuna.
“Yilapho engizwe khona ukuthi balungiselela umngcwabo wosana obelukade lushone ngayizolo (ngoLwesine). Kuthiwa usana lushonele etekisini unina kade elubelethe evela eSikhaleni. Ufike nalo ekhaya selushonile. Angithandanga ukubuza okuningi ngibe senginikela khona ukuyobalekelela ngokumba ithuna. Bebengenalo ngisho isaha lokunqamula izingodo zokubeka ngaphezu kwethuna,” kusho uZikhali.
Uthe ube esekhipha isaka lerayisi ukuze umndeni ukwazi ukupheka ngesikhathi esalibangise edolobheni ukuyowufunela usizo.
“Ngifike ngabacelela kwaSpar abakwazile ukunikela ngokudla. Ngihambe ngiphuma ngifuna ibhokisi lengane elishibhile. Ngithe ngilithola ebeliwu-R500 ngathintwa wumfowethu ebengimshiye elekelela umndeni wathi angisale sengiyeka ingane sebeyingcwabile ngaphandle kwebhokisi.
“Kungifikisele ngosizi ukuthi umndeni ungaze ungcwabe usana ngaphandle kwebhokisi ngenxa yokungabinayo imali. Ngisola nokuswela ulwazi kubantu basemakhaya ngoba ingane bayingcwabe ngaphandle kokwenza isitifiketi sayo sokushona,” kuqhuba uZikhali.
Udaba lushiye abaningi benesifiso sokulekelela umndeni wosana ngemuva kokuthi uZikhali ebike ngalo kuFacebook.
Kube khona nabafisa ukuthi isidumbu sosana simbiwe ukuze singcwatshwe kabusha ngesizotha.
Ilungu lomphakathi, elicele ukungadalulwa, lithe usana aluyiswanga ngisho emakhazeni ngoba umndeni ubalekela izindleko.
“Umndeni uthi ubikele induna yendawo ngosizi lwawo kepha yabachitha. Ube usubona ukuthi upatanise umngcwabo. Uhlale nesidumbu sengane ngoLwesine ngoba ingekho imali yokuyiyisa emakhazeni. Uyingcwabe ngakusasa, wayigoqa ngengubo lingekho ibhokisi. Kube muncu ingane isingcwatshiswa okwenja. Abazange besalinda sizo ngoba besaba ukuthi ingane ingaze ibolele ekhaya,” kusho ilungu lo mphakathi.
Ethintwa unina wosana, uNksz Lungile Gumede (25), ubhoke ngolaka wathi akuqali ngabo ukuhlupheka.
“Ngicela ungaphinde ungishayele ucingo. Baningi kabi abantu abahluphekayo kule ndawo. Angazi nokuthi lolu daba nilutholephi ngoba akuthina esinitshele ngalo,” kusho uNksz Gumede.