MHLENGI SHANGASE
USUNABELE nasezikoleni ezizimele nezazidume ngama-Model C umkhankaso weMangosuthu University of Technology (MUT) wokunxenxa ezinye izinhlanga ukuthi zizofunda kule nyuvesi eselokishini.
Lo mkhankaso owenziwa yithimba elivakashela izikole, uhlose ukunxenxa ezinye izinhlanga okungabamhlophe, amaNdiya namaKhaladi ukuthi zizofunda kule nyuvesi njengoba kukhulunywa ngendaba yezinguquko emanyuvesi.
UMqondisi weStakeholder Relations kule nyuvesi, uNkk Zama Sishi, uthe yize benazo ezinye izinhlanga esezisebenze kule nyuvesi iminyaka kodwa basafuna ukuqinisa kakhulu ekutheni kwande isibalo sabafundi bohlanga kule nyuvesi.
Uthe abasagxili ezikoleni zabamnyama kuphela uma bekhangisa ngale nyuvesi noma uma benxenxa abafundi kodwa bagxile nakulezi okwakungezabamhlophe nezizimele.
“Asikhethi, siya kuzo zonke ukuze sande isibalo sezinye izinhlanga kule nyuvesi. Siya kwezizimele okubalwa iCrawford College, eLa Lucia nezinye ezidumile zikahulumeni okuyiDanville Park Girls High, eDurban North ngoba sifuna ukwandisa isibalo sabamhlophe, amaNdiya namaKhaladi,” usho kanje.
Ezinye izikole abaya kuzona kubalwa iWestville Boys, Pinetown Boys, Glenwood High.
Cishe u-98% wabafundi bakule nyuvesi abamnyama abaqhamuka ezikoleni okungakhokhwa kuzona imali yokufunda.
UNkk Sishi uthe uma besezikoleni bazisa abafundi ngemikhakha abanayo kubafundi nabanentshisekelo yokuzofunda kule nyuvesi.
Uthe ukuba selokishini kwale nyuvesi ngenye yezinto eyenza ukuthi bafise ikhule wathi azikho nezigameko ezimbi esezike zabikwa ngabasebenzi belinye ibala kule nyuvesi ezibehlele eMlazi.
“Kunabase-benzi abamhlophe namaNdiya asebesebenze iminyaka eMlazi abangakaze bahlangabezane nezinto ezimbi. Sibonga ukuthi abantu bakithi bayakubona ukubaluleka kwezinye izinhlanga ngoba kwenza lifezeke iphupho lokuthi sihlalisane,” usho kanje.
I-MUT nenyuvesi yaseZululand, oNgoye yiwona manyuvesi esifundazweni athathwa njengawabamnyama njengoba abafundi bezinye izinhlanga beyingcosana. La manyuvesi athola imali ethe xaxa emnyangweni weMfundo ePhakeme ukuphucula ingqalasizinda yawo.