YIZE i-ANC iwine omasipala abangu-36 KwaZulu-Natal, kwathi i-IFP yawina abayisikhombisa kodwa abanye babo akukho qembu eliwine ngamalengiso kubo. Lokho kuchaza ukuthi kuzodingeka kusetshenziswane namanye amaqembu.
Ku-36 owinwe yi-ANC, ilawula abangu-31, kwabahlanu kuzodingeka ukuthi isebenzisane namanye amaqembu. Komasipala abayisikhombisa be-IFP owodwa ayiwuwinanga ngokuphelele, okusho ukuthi kuzodingeka nayo isebenzisane nelinye iqembu.
Isikhulu sakwa-IEC KwaZulu-Natal, uMnuz Mawethu Mosery, sithe i-ANC ne-IFP babambene ngezihlalo ezingu-18 iqembu ngalinye eMtubatuba.
Lokhu kusho ukuthi elinye lawo la maqembu kuzomele lisebenzisane ne-DA enezihlalo ezimbili noma i-EFF enesihlalo esisodwa noma i-African Independent Congress (AIC) nayo enesihlalo esisodwa.
Omasipala okudingeka amaqembu asebenzisane kubo kubalwa Abaqulusi, lapho i-ANC ewine ngo-46.22% yathola izihlalo ezingu-21, kwathi i-IFP yathola ezingu-19. Kulo masipala kudingeka izwi le-DA kozophatha lo masipala.
ENquthu i-IFP ithole u-44.09%, okuyizihlalo ezingu-15, kwathi i-ANC yathola u-42.02% nezihlalo ezingu-14.
EJozini i-ANC ithole u-47.88%, okuyizihlalo ezingu-19, i-IFP yathola u-46.18%, okuchaza ukuthi ithole izihlalo ezingu-18, kwathi i-EFF, DA nabebengenele ukhetho ngokuzimela bathola isihlalo esisodwa ngamunye.
E-Escourt i-ANC ithole u-49.48%, okuyizihlalo ezingu-23, kwathi i-IFP yathola u-39.73%, okuyizihlalo ezingu-18, kwathi i-DA ne-Al Jama bathola ezimbili iqembu ngalinye, kwathi laba abangenele ukhetho ngokuzimela bathola isihlalo esisodwa. Kulo masipala kuzokhumbuleka ukuthi i-NFP yavumelana ngokuthi izovota ne-Al Jama.
ENdumeni i-ANC ithole u-49.53%, okuyizihlalo eziyisithupha, kwathi i-IFP yathola ezine ngo-30.52%, iDA yathola ezimbili, kwathi i-EFF yathola esisodwa.
EDumbe i-ANC ithole izihlalo eziyisishiyagalombili ngo-50.63%, kwathi iDA yathola ezinhlanu ngo-29.26%. I-IFP ithole ezintathu ngo-15.57%.
Umholi weDA esifundazweni, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bebengakayixoxi eyokusebenzisana namanye amaqembu kodwa njengoba kwabanye omasipala kuyibona abalale isibili amanye amaqembu ayabadinga ukuze aphathe.
Umholi we-EFF esifundazweni uMnuz Vukani Ndlovu naye uthe bazosebenzisana neqembu elizohambisana nemigomo yabo.
“Ngeke ngisho ukuthi ngeke sisebenzisane ne-ANC ngoba sifuna noma ngubani ozohambisana nemigomo yethu, noma ngubani,” kusho uNdlovu.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz David van Rooyen unxuse ukuthi kube nokusebenzisana emikhandlwini okungekho qembu eliwine ngamalengiso kuyo.
Uthe kumele kubekwe phambili umphakathi ohlala kulowo mkhandlu kunokubeka amaqembu phambili.