FANELESIBONGE BENGU
I NKAMPANI yezimoto yaseJalimane iMercedes-Benz isimemezele ukuthi izokwethula kuleli izimoto ezintsha eziyisikhombisa nonyaka.
Lokhu kuvele ngemuva kokwethulwa kwe-A Class esithuthukisiwe, eKapa, ngesonto eledlule. Isikhulu esiphezulu sakwaMercedes-Benz South Africa, uFlorian Seidler, uthe ngonyaka odlule bekuwunyaka wokwethula izimoto ezisesigabeni samaSport Utility Vehicle (SUV) kubo.
Ngo-Ephreli uthe bazokwethula i-C Class Coupe ezolandelwa yisilahla matende iSL Cabriolet ngawo u-Ephreli.
“Ngemuva kwalokho sizokwethula i-E Class yesizukulwane sika-10 ngoMeyi,” kusho yena.
“I-E Class kuthiwa igabe ngobuchwepheshe obuyisimanga ngoba ikwazi ukuzishintsha ama-lane emgwaqweni, isiteringi siyazijikela uma sibona ubungozi futhi iyakwazi ukuzimela uma iya endaweni enesiminyaminya.
Uma sekumele upake ungakhathazeki ngoba iyazenzela futhi iyakwazi ukukhuluma nenye zazisane uma kunobungozi ngaphambili.
USeidler uphinde wadalula ukuthi ngo-Ephreli bazophinde bethule iSLC phambilini eyayibizwa ngeSLK.
NgoMeyi kuzokwethulwa iGLS abayibiza ngeS Class yamaSUV ezolandelwa yiS Class Cabriolet ngoJuni.
NgoSepthemba kuzolandela iCLC Coupe.
Kuphinde kwavela ukuthi iveni lokuqala ngqa lakwaMercedes izithombe zalo eziqale ukusabalala ngonyaka odlule lingase litheleke ngonyaka ozayo.