I-ORLANDO Pirates ihlalelwe umqansa wokunqoba iNedbank Cup ukuze ibhodlise abalandeli bayo abangeneme neze ngemuva kokushaya udaka kwisizini ka-2016/17.
Ukunengeka kwabalandeli kufakazeleke emcimbini weCarling Black Champion Cup obuse-Artizen Lounge, KwaMashu, eThekwini izolo emini. Idlanzana labalandeli bePirates ebelikhona lilibeke ngembaba ukuthi lingabhodla uma Ezimnyama zingabanqobela iNedbank.
Nenkakha yePirates, * -Edward “Magents” Motale uhambe emazwini abo ekhala ngokuthi okubenze baba nesizini embi wukushintsha kwabaqeqeshi.
“Yebo, isizini ibe yimbi, lokho akufihlwa. Okusibulele wukushintsha abaqeqeshi. Kuphazamise isigqi kanti vele siqale kabi,” kusho uMotale.
Le nkakha ithe ukungangeni kwePirates kwiTop 8 kufana nesibusiso esiyimfihlo.
“Umqeqeshi okhona manje ufike sekusele izinyanga ngithi ezintathu isizini isongwe. Asikwazi ukumsola nge-Top 8. Kungcono ngoba nakhu ungenile nakumanqamu eNedbank. Kufanele benabadlali bakhe bakubone njengesibusiso esiyimfihlakalo ukungangeni kwabo kwiTop 8. Bebengeke balunge. Kungcono manje sebezoba nethuba eliningi lokubonisana bafundane,” kusho uMotale.
“Yingakho nje namanje kungamele kube yinkinga ukuthi bahleli abayile emaholidini balinde ifayineli yeNedbank. Kumele basebenze. Nangesizini ezayo kuzothi kuqhubeka iMTN8 bona bebe beqhubeka behlanganisa imiqondo ukugwema ukuba nesizini efuze le.”
UMotale, owayeyibamba emuva kwiPirates noveze ukuthi wagolozela uMike Makaab efika ezocija Ezimnyama ethi umusa ezimpondweni, uthe akukho abakubhekile njengamanje okwedlula ukugubha iminyaka engu-80 ngeNedbank Cup.
“Isizini yePirates isingalungiswa wukuthi banqobe iNedbank kodwa vele leyo isiseMayfair. Abadlali abambalwa engixhumana nabo abahlonizi ukusho ukuthi iNedbank Cup sekuyikhekhe lokugubha iminyaka engu-80. Sizoyithatha leyo ngoba nabo bayazibona ukuthi bazoba bayilahle okokugcina uma behudule izinyawo.” Lokhu kushintsha kwabaqeqeshi akhala ngakho uMotale kuqale ngoMuhsin Ertugral odikiliswe wukunenebulwa ngo 6-1 yiSuperSport United ngonyaka odlule.
Kubambe * -Augusto Palacios ngemuva kwalokho kodwa naye washiya imiphumela ingezi kahle sekuqashwe uKjell Jonevret okunguye ozobe ehleli ebhentshini sebethathana neSuperSport emdlalweni wamanqamu eNedbank eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoJuni 24.
Ngaphezu kuka 6-1 weSuperSport, iPirates iphinde yathola * 6-0 kwiMamelodi Sundowns ngesikhathi sikaPalacios. Ngenxa yokungenzi kahle abalandeli babhodlele kukaputeni * -Oupa Manyisa ukuthi kuzofanele avuke emaqandeni ukuze ahlangane amathambo.
Akusaphathwa ukuthi ibhacazile kwiMTN8, Telkom Knockout nakwi-Absa Premiership lapho enqobe khona imidlalo eyisithupha kuphela isizini yonke.
iPirates izokwendlalela ukuqala isizini ka-2017/18 ngeCarling Black Label Cup ezodlala kuyo neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoJulayi 29.