UCHITHA eyokusindwa ngunombolo 10 uKeagan Buchanan odalule ukuthi leli jezi walinikwa yimenenja yeqembu uBobby “Bob Steak” Motaung ngesikhathi esayina kuleli qembu ekuqaleni kwesizini.
UBuchanan (24) ngesizini edlule ubegijima kuBleomfontein Celtic. KuPhunya Sele Sele uphelelwe yinkontileka wagcina engayivuselelanga.
KuChiefs uthe efika wathatha unombolo 10. Leli jezi lidume ngabadlali abafana noJohn “Shoes” Moshoeu, Shakes Kungwane, Stanton “Stiga” Fredericks noSiyabonga “Doctor” Nkosi.
UBuchanan usadlale imidlalo emihlanu yeligi nowodwa weTelkom Knockout. Kweyeligi usedlale imizuzu engu-220 kwathi kweyomkhumulajezi wadlala imizuzu engu-25.
Exoxa neSolezwe ngesikhathi iChiefs iseThekwini uveze ukuthi useluleme ngokugcwele manje futhi usekulungele ukuzitamuzela ijezi eqenjini elikhulu.
“Njengamanje sengidlulile ekulimaleni. Ngiyazi abantu abaningi kade belokhu bengibuza. Kuhle ukuthi iqembu lenza kahle njengamanje yize lokho kwenza kube nzima ukuthi umqeqeshi (uSteve Komphela) ashintshe iqembu lakhe afake mina. Ngisebenza kanzima ekutheni ngithole ithuba lami lokudlala.
“Ngesikhathi ngisayina kuChiefs uBobby wangifonela wangitshela ukuthi ngizogqoka unombolo 10. Wangitshela ukuthi leli jezi lingangithusi. Wathi kumele ngidlale ibhola ngendlela ebengilidlala ngayo phambilini. Lokho kungifake olukhulu ugqozi kwaphinde kwakhulisa ukuzethemba kwami,” kusho uBuchanan.
Lo mdlali oyibamba enkabeni yenkundla ubanga ijezi noGeorge Maluleka, Hendrick Ekstein noSiphiwe “Shabba” Tshabalala obuye ayibambe ngasezinhlangothini.
“Unombolo 10 ngeke ngithi uyangisinda ekubeni ngisadlale imidlalo engafikile ngisho kwengu-10. Ukulimala kungiphazamisile kodwa manje sengiluleme futhi sengikulungele ukubamba ithuba engilitholayo ngezandla zombili,” kusho uBuchanan.
Ngesonto eledlule uBuchanan ubeyibambe kuMultiChoice Diski Challenge ngesikhathi iChiefs ibhekene neMamelodi Sundowns eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
“Abantu abaningi bayibukela phansi iDiski Challenge kodwa iwusizo olukhulu ikakhulukazi kubadlali abafana nathi abebekade belimele. Abafana bahlale befika ngezinkani ukuzothamela le midlalo. Ayisizi thina kuphela kodwa isiza nabadlali abancane abasafuna ukuzakhela igama ebholeni elikhokhelayo. Abanye abadlali abadlule kule midlalo sebeyizethenjwa emaqenjini abo amakhulu. Nami ingisizile ekutheni ngibuyele esimweni sami,” kusho uBuchanan.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa: Chippa United v Golden Arrows (Sisa Dukashe Stadium, 8pm) NgoMgqibelo: Orlando Pirates v Polokwane City (Orlando Stadium, 3.30pm); Bloem Celtic v Platinum Stars (Dr. Molemela Stadium, 3.30pm); Mamelodi Sundowns v Bidvest Wits (Loftus Versfeld Stadium, 6pm); Ajax Cape Town v Kaizer Chiefs (Athlone Stadium, 8.15pm); Highlands Park v SuperSport United (Makhulong Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Maritzburg Utd v Free State Stars (Harry Gwala Stadium, 3.30pm); Baroka FC v Cape Town City (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm)