UMDLALI wasemuva we-Ajax Cape Town, uRheece Evans, akayibambele igqubu iMamelodi Sundowns emphendule isibukeli amasizini elandelana.
U-Evans, owazakhela igama kwiMaritzburg United, wasayina inkontileka yeminyaka emihlanu neSundowns ehambisana noMario Booysen ngo-2014. Nokho izinto azibahambelanga kahle ngoba abazange balithole ithuba lokuzibonakalisa kumqeqeshi uPitso Mosimane. U-Evans ugcine esedlaliswa eqenjini leMultichoice Diski Challenge phezu kokuba uMosimane ayethi usezinhlelweni zakhe eqenjini elidlala kwi-Absa Premiership. Ekuqaleni kwesizini edlule ubuyiswe esedlale nomdlalo wobungani kwi-Ajax ngoba kuthiwa uyadingeka eChloorkop kodwa isimo sabuyela kwesijwayelekile. Ugcine ebolekiswe maphakathi nesizini izinyanga ezingu-18 kuyona i-Urban Warriors eqeqeshwa nguStanley Menzo waseHolland.
“Angizisoli ngesikhathi engisichithe kwiSundowns, ngizobuyela khona kwazise ngibolekisiwe kwi-Ajax. Ngihlale kahle kwiSundowns futhi ngenza konke okusemandleni ngethuba enginikwe lona,” kusho u-Evans.
“Okwamanje ngeke ngisho ukuthi ngifuna ukuyikhohlwa empilweni yami. Ngisengumdlali wayo. Akekho umuntu engimbambele igqubu kuyona.”
Nakuba u-Evans ekade ezimisele ngokubuyela ezingeni aziwa ngalo kusukela esayibamba kwiTeam of Choice kodwa ukulimala kuyiphazamisile inqubekela phambili yakhe. I-Urban Warriors igcine ihlulekile wukuqeda kwi-Top 8 ngesizini edlule. Iyibambe endaweni ka-10 nokusho ukuthi izoyizwa ngendaba imidlalo yeMTN 8.
“Ngesizini edlule sibe neziqubu ezimbi kodwa ngikholwa wukuthi onompempe kade behlezi phezu kwethu. Kunezinqumo ebezisicindezela kweminye imidlalo. Ngaphandle kwalokho ngabe singenile ku-Top 8. Amaqembu amaningi kade esesisaba,” kusho * -Evans.
“Ngesizini ezayo ngizimisele ukuba nesandla ekutheni iqembu libuyele ezingeni lalo liqede kwi-Top 8. Kufanele ngenze isiqiniseko sokuthi ngisesimeni esihle kusukela isizini iqala.”
Ngenyanga edlule i-Ajax imemezele abadlali ezingeke zivuselelwe izinkontileka zabo okungo-Abel Mabaso obebolekwe kwiSundowns, umakadebona uNathan Paulse, Lebohang “Cheeseboy” Mokoena, Aubrey Funga waseZambia noLawrence Lartey waseGhana. Isayinise u-Isaac Nhlapo obekwi-Platinum Stars.