AKANANDABA nabamgxekayo ngokwenqaba noPhakamani Mahlambi umqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt.
UMahlambi ubebizelwe eqenjini lesizwe lika-Under 20 eliyodlala imidlalo emqoka ekupheleni kwenyanga. Amajita azodlala imidlalo yokuhlungela ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ka-Under 20 ngoMeyi.
Imidlalo yokuhlunga izodlalelwa eZambia. Amajita aboshelwe eqoqweni elilodwa neCameroon, Sudan neSenegal.
UHunt ekhuluma naleli phephandaba ulimise ngesihloko elokuthi akanandaba nabamgxekayo ngokwenqaba noMahlambi.
“UMahlambi ungumdlali wethu futhi akayi ndawo. Abantu bangakhuluma konke abakuthandayo kodwa ungumdlali wethu weqembu elikhulu. Ungumdlali wethu umqoka. Sibhekene nemidlalo enzima. Siyamdinga njengoba imidlalo iminyene kanje ngeke wazi ukuthi kuzolimala abadlali abangaki,” kusho uHunt.
IWits ihlezi endaweni yesibili ku-log ye-Absa Premiership ngemuva kwemidlalo engu-14. Ibambene neSuperSport United ngamaphuzu angu-25.
NgoFebhuwari, iWits izodlala imidlalo emine. Izodudulana ne-Ajax Cape Town namuhla ngo-7.30 ebusuku eBidvest Stadium, eGoli bese kuthi ngoFebhuwari 15 ishukane ne-Orlando Pirates e-Orlando Stadium.
NgoFebhuwari 22 izogadulisana neBaroka FC eBidvest Stadium, eGoli. IWits izovala uFebhuwari neMamelodi Sundowns ngoFebhuwari 25 eLoftus Stadium, ePitoli.
“Imidlalo siyilungele kakhulu. Mina vele ngiyithanda uma iza ngalolu hlobo. Kona inzima uma isilandelana kakhulu kodwa ayikho into ebingayenza iligi kwazise simile senzela iqembu lesizwe lika-Under 23 ebelidlala kuma-Olympic Games saphinde sama simele i-Afcon. Sibheke ukuqhubeka nokwenza kahle ngokuthi sinqobe imidlalo yethu,” kusho uHunt.
Amajita azoqala ukudlala imidlalo yeCaf Under 20 Youth Championship ngoFebhuwari 27. Kowokuqala azodudulana neCameroon ngoFebhuwari 27 eLevy Mwanawasa Stadium, eNdola, eZambia ngo-6 ntambama bese kuthi ngoMashi 2 atholane phezulu neSenegal ngo-6 ntambama.
Amajita azovala eyamaqoqo neSudan ngoMashi 5 eHeroes Stadium, eLusaka, eZambia ngo-3 ntambama.
Amaqembu amabili aqede phezulu azodlulela kowandulela owamanqamu bese ephinde ezibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba.
Selilonke iqembu laMajita limi kanje:
Onozinti:
Sanele Tshabalala, Darren Johnson noMondli Mpoto
Izitobha:
Sirgio Kammies, Malebogo Modise, Thendo Mukumela, Notha Ngcobo, Tercious Malepe,Shane Saralina, Givemore Khupe, Aghmat Ceres, Siyabonga Ngezana noKatlego Mohamme.
Esiswini:
Thabani Zuke, Sipho Mbule, Wiseman Meyiwa, Nkosingiphile Ngcobo, Duncan Adonis, Sibongakonke Mbatha, Kobamelo Kodisang, Teboho Mokoena, Sydney Mtshweni, Zama Rambuwane noLuther Singh.
Abagadli:
Menzi Ndwandwe, Itumeleng Shopane, Luyanda Ntshangase, Khanyisa Mayo
noLiam Jordan.