ZIBUYISELWE isipiliyoni izinsika zamaProteas esikwatini samaTest. Ngesonto eledlule iCricket South Africa (CSA) imemezele isikwati sabadlali abazoyibamba emidlalweni yamaTest uma elakuleli selibhekene neNew Zealand emidlalweni emithathu.
Kulesi sikwati kubuyiswe uChris Morris noMorne Morkel abangazange badlale ngesikhathi amaProteas equmba phansi iNew Zealand, Australia neSri Lanka emidlalweni edlule.
ULinda Zondi, oyinhloko ethimbeni eliqoka isikwati samaProteas, utshele Isolezwe ukuthi bakhethe ukubuyisa lezi zinsika ngenxa yokuthi basanda kulahlekelwa nguKyle Abbott.
“Silahlekelwe nguKyle oseyodlala e-England. Ngakho isikhala sakhe bekumele sisivale ngomuntu onesipiliyoni. Yingakho sibuyise uMorkel noMorris. Bobabili sebekhombisile ukuthi sebeluleme ngokugcwele. UMorris udlale kahle emidlalweni yosuku olulodwa sibhekene neSri Lanka kanti wenza kahle namanje njengoba sidlala neNew Zealand. UMorkel naye uyadlala kumaTitans emidlalweni yeMomentum One Day Cup,” kusho uZondi.
NgoMashi 7 amaProteas azodlala umdlalo wokuqala weTest namaBlack Caps e-University Oval, eDunedin, eNew Zealand bese owesibili ube seBasin Reserve, eWellington ngoMashi 15. Owokugcina uzodlalwa ngoMashi 24 eSeddon Park, eHamilton.
“Iqembu lethu sifuna liqine yonke indawo. UMorris akagcini ngokushwiba kuphela kodwa uphinde abhethe. Siphinde safaka nomfana omncane odlale kahle kakhulu kuSunfoil Series, uHeinrich Klassen. Lo mfana uyi-wicket keeper ngakho uzofaka umbango kuQuinton de Kock osefomini enhle. Inhloso yethu wukubuyela kunombolo 1 emhlabeni.
“Lokho sizokwenza ngokunqoba imidlalo yochungechunge ehlukene. Kuyajabulisa ukubona ukuthi eNingizimu Afrika ikhono liyinsanda. Uma kukhona umdlali olimalayo asiphathwa ngamakhanda. Uma kukhona ohambayo futhi asikhathazeki kakhulu. Okunye-ke okusisebenzelayo wukuthi abadlali abangenzi kahle asisabi ukubakhipha eqenjini. Phambilini sikhiphe uDavid Miller, JP Duminy, Faf du Plessis noQuinton de Kock,” kusho uZondi.
AmaProteas aklekiswe endaweni yesithathu emhlabeni emidlalweni yamaTest. Elakuleli linamaphuzu angu-107. Endaweni yesibili kukhona i-Australia ngamaphuzu angu-109 bese kuthi endaweni yokuqala kube yi-India ngamaphuzu angu-121.