KUSAZOQHUTSHEKWA nokudilizwa kwiPlatinum Stars ngemuva kokuthi izolo leli qembu limemezele ukuthi ngeke liyivuselele inkontileka yomqeqeshi uCavin Johnson.
Ngokwesitatimende esikhishwe iqembu, ukudedelwa kukaJohnson kuyindlela yokufuna isiqalo esisha esibheke ezintweni ezinkulu, nokusho ukuhlukana nabanye abadlali.
IDikwena ayizange imlinde uJohnson aze abuye eTunisia lapho ebehambe neqembu liyodlala koweCAF Confederation Cup.
Leli qembu lakuleli lithole isibhaxu sika 3-0 kwiCS Sfaxien. Lona bese kuwumdlalo wesibili iDikwena ithola induku. Kodlule yabhajadiswa iMbabane Swallows ngo 4-2 ekuhambeni.
Iqembu lizithola lidlala kwiConfederation Cup ngemuva kokuqeda endaweni yesithathu kwi-log ngaphansi kukaJohnson ngesizini ka-2015/2016.
Kule ka-2016/2017 esanda kusongwa izinto azizange zihambe kahle njengoba ligcine lihlulekile nokuthola indawo kwiTop 8 liqeda endaweni yesishiyagalolunye.
Ngesikhathi imiphumela ingaqhamuki, uJohnson ubelokhu ekusho ukuthi inhloso yakhe wukwakha iqembu elizoba yinsimbi engagobi ngomuso njengoba kule sizini enikeza ithuba nabadlali abancane.
Kungenzeka ukuthi ke kube nokushayisana kwemibono phakathi kwakhe nezikhulu zeqembu. Isitatimende okucashunwe kusona usihlalo weqembui uCliff Ramaroa, siyakuveza ukuthi nabadlali basazokhonjwa indlela kwiDikwena.
“Sithanda ukudlulela kwelinye izinga. Sikholwa wukuthi ushintsho olufana nalolu luzoletha umuntu ozokwazi ukukhuphulela iqembu kwelinye izinga. Lapha akekho umuntu oxoshiwe kodwa inkontileka engeke isavuselelwa,” kusho uRamaroa.
Imibiko yayizolo ibisiqhakambisa phambili igama likaRoger de Sa njengongenzeka athathe izintambo.
Isitatimende siqhube sathi kuzoba nezinye izinguquko nakubadlali.
“Sizomemezela ezinye izinguquko ethimbeni labaqeqeshi nakubadlali. Sizomemezela nomqeqeshi omusha ngaphambi kokuqala kwesizini entsha,” kusho uRamaroa.