KUNGENZEKA asale encela izithupha amaqembu adlala kwiPremier Soccer League (PSL), iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns odabeni luka-Anthony Laffor.
Lo mdlali kuthiwa kunezinhlelo esezifinyelele kwelinye iqophelo zokuthi angagcine ejoyine elinye lamaqembu amakhulu e-Qatar.
ULaffor (31), odabuka eMonrovia, eLiberia ubalwa nabanye abadlali abane abamqoka izinkontileka zabo ezizophela. Kanti kunentuthu engafuni ukuphela ngokuthi naseNatureana bayamdinga.
Kuyinto engenakuphikwa ukuthi uLaffor ubambe elikhulu iqhaza ekutheni iSundowns igcine ingompetha base-Afrika.
Uyishayele amagoli amqoka emidlalweni yokugcina ebibalulekile kwiCAF Champions League.
Ngokomthombo osondelene nalo mdlali, kuthiwa leli qembu lase-Qatar limdoba ngokubeka umbengo ononile ogqokweni, okwenza awuconsele amathe.
“Kuthiwa uma zonke izinto zihamba njengoba bekuhleliwe ngaphambi kwekhefu likaKhisi-musi, kungenzeka kuvalwe iwindi lokusayinisa abadlali esehambile eChloorkop.
“Sihlukana ngoDisemba bekufanele aye-Qatar eyohlolwa ngodokotela bakhona ukuthi usesimeni esifanele yini sokumsayinisa.
“Angazi noma wagcina eyile kodwa ngokwakhe kwakungekho ukwenza ngokunye ngoba imali abamthembisa yona iconsisa amathe,” kusho umthombo ongakwazanga ukudalula igama le qembu lase-Qatar.
Ukusabalala kwalawa mahlebezi kuholele ekutheni ngoLwesibili uBobby Motaung, imenenja yaMakhosi iphumele obala iwachithe njengento engekho ngalo mdlali odabuka eLiberia .
UMotaung ecashunwa kwi-website ye-Kickoff, uthe: “Angazi lutho ngamahlebezi okusayina uLaffor. Nami yinto engiyifunda kwabezi-ndaba.
“Engingakutshela khona wukuthi akekho umuntu oke axoxe ngoLaffor lapha kwiKaizer Chiefs.
“Asikaze sikhombise ugqozi lwakhe, akasiyona ingxenye yamagama asematheni kithina.”
Umthombo uphinde wapotshozela leli phephandaba ngamanye amagama abadlali neSundowns abangakazivuseleli izinkontileka zabo.
Kuthiwa kukhona negama likaputeni wamaBrazilians uHlompho “Keke” Kekana, Tiyani “Sugar” Mabunda, Wayne Sandilands noWayne Arendse.
“Uma iSundowns ingaqapheli kahle laba badlali bangathalalisa kuze kuphele isizini okuzobe kuphela izivumelwano zabo neqemu.
“Ngemuva kwalokho kuyosho ukuthi sebengakwazi ukuhamba bhusende.
Ethintwa ngale ndaba uThulani Thuswa, obhekene nezokuxhumana kuleli qembu, uthe uyakweshwama ukuthi kunabdlali abadonsa izinyawo ekuvuseleleni izinkontileka zabo.
“Ngikhuluma nawe nje (esho ngoLwesine) bonke abadlali bebesejimini kuhlanganisa nalaba okhuluma ngabo.
“Ngokwami izinto zihamba kahle. Engikwaziyo ukuthi kunezingxoxo eziqhubekayo phakathi kweqembu nezimenenja zabadlali abathile.
“Anginaso isiqiniseko ngalabo okhuluma ngabo noma ezabo ziyaxoxisana neqembu.
“Indaba yokuthi uLaffor ufunwa yiqembu lase-Qatar nakho lokho ngiyakuqala ukukuzwa ngawe, bengingakwazi uma kukhona.
“Ngokwami akekho umdlali ohambayo, bonke babuyile bevela emaholidini,” kuphetha uThuswa.
UGyn Binkin, oyimenenja kaSandilands ukuqinisekisile ukuthi lo mdlali akakavuseleli wathi kodwa izingxoxo nabaphathi beqembu ziyaqhubeka.