UKHONJWE indlela kwiRoyal Eagles uKatlego “Killer” Mphela obegijima kuleli qembu elidlala kwiNational First Division (NFD).
I-Eagles yenza inqwaba yezinguquko eqenjini layo. Kumasizini amabili edlule ihluleke ngemizuzu yokugcina ukungena kuma-Play Off.
Leli phephandaba lihabule izindaba zokuthi uMphela ngeke ivuselelwe inkontileka yakhe ngoba akekho ezinhlelweni zomqeqeshi omusha u-Allan Freese.
“Inkontileka kaKiller ayizange ivuselelwe. Umqeqeshi akazimisele ngokusebenzisana naye. Omunye umdlali inkontileka yakhe engazange ivuselelwe nguPhumelele Bhengu. UZipho Dlangalala nguyena sengathi uzolekelela uFreese,” kusho umthombo.
UMphela (32) ufike kwi-Eagles kumasizini amabili edlule. Ngesizini yakhe yokuqala ubengomunye wezethenjwa zaleli qembu. Kule sizini esanda kusongwa ubexinwe wukulimala okwenze wadlala imidlalo emincane.
Imenenja jikelele entsha ye-Eagles, uJames Dlamini, ixoxa nabezindaba ngesikhathi izothungatha abadlali kwiJozini Mayoral Cup ngempelasonto, ikuqinisekisile ukuthi baningi abadlali abanamagama abazobachitha. “Uhla lwabadlali abahambayo besingakalukhiphi. Ngiyazi ukuthi asekhona amahemuhemu. Kuyiqiniso ukuthi bakhona abadlali esizobadedela. Konke lokhu sizokwenza ngokuthi sibheke ukuthi udlale kanjani kule sizini esanda kusongwa.
“Ngicela sinike usihlalo ithuba lokuthi kube nguyena omemezela umqeqeshi ngokusemthethweni. Mina sengiyamazi futhi nani ngicabanga ukuthi seniyamazi. Umqeqeshi obevele ekhona. Ushintsho luzoba khona. Ngingakuqinisekisa ukuthi bakhona abadlali abanamagama esizobakhulula. Bakhona futhi esizobasayinisa. Sesisayinise abadlali abayisithupha,” kusho uDlamini.
UDlamini ubesebenza kwiLamontville Golden Arrows njengemenenja yeqembu. Phambilini uke wayibamba kuMaZulu lapho ebesebenza khona njengemenenja. I-Eagles ikhombe indlela uRichard Makhoba obeyimenenja yeqembu.
“Ngifisa ukubonga umndeni wakwaMpisane ngokungethemba ngokuthi unginike ithuba lokuba yimenenja yeqembu. Isifiso seqembu wukudlala kwi-Absa Premiership ngelinye ilanga. Bese sikhulume isikhathi eside nabaphathi be-Eagles. Kwi-Arrows ngihambe kahle. Ngakho ngifuna ukuyibonga ngethuba enginike lona. Ngizokwenza konke okusemandleni ami ukwenza isiqiniseko sokuthi siyazama ukufaka iqembu esigabeni esikhulu,” kusho Dlamini.
Uphinde waqinisekisa ukuthi uDlangalala ungomunye wabaqeqeshi abaxoxa naye.