USEZINHLELWENI zokushiya iKaizer Chiefs umgadli waseZimbabwe, uMichelle Katsvairo, ongeneme ngokukhuhla ibhentshi kuMakhosi.
Isolezwe lithole lezi zindaba ngesikhathi likhuluma nemenenja yalo mdlali uMichael Ngobeni
weM-sports Management.
UKatsvairo (27) ufike kuMakhosi kubhekwe ukuthi agile izimanga ngokulandela ezinyathelweni zomkhaya wakhe uKnowledge Musona owafika waphenduka intandokazi ngenxa yamagoli akhe amqoka nemijiko ebishiya abalandeli beChiefs bejabule.
Ekuqaleni kwesizini ulitholile ithuba lokudlala kodwa wangawashaya amagoli ngendlela obekubhekwe ukuthi awashaye ngayo. Ushaye amagoli amabili emidlalweni engu-12 yeligi. KwiTelkom Knockout udlale imidlalo emibili wangashaya nelilodwa igoli.
Lokhu kuphoqe umqeqeshi weChiefs uSteve Komphela ukuthi asebenzise uBernard Parker no-Edward Manqele phambili. UManqele ukhonjwe indlela phakathi nesizini. NgoJanuwari Amakhosi asayinise umgadli waseVenezuela uGustavo Paez oqede isizini esethola umgqigqo wokushaya amagoli.
“Mancane kakhulu amathuba okuthi uKatsvairo uzobe edlala kwiChiefs ngesizini ezayo.
Angu-80% amathuba okuthi uzobolekiswa. Nakanjani akeneme ngokungadlali. Njengabo bonke abadlali ufuna ukudlala njalo, yingakho sihlela ukuthi abolekiswe ukuze athole ithuba lokudlala.
“Nokho sisemseni weChiefs ngoba usenenkontileka nayo. Kukhona iqembu esikhuluma nalo ukuthi limboleke kwiChiefs. Okwamanje besingakaxhumani neChiefs ukuyazisa ngaleli qembu ngoba nayo ibisematasa ngezinye izinto,” kusho uNgobeni.
Usihlalo weChiefs uKaizer Motaung usanda kuphumela obala ngokuthi bashaye isikhala kubadlali abaningi ababasayinisile ekuqaleni kwesizini. UMotaung ukuqinisekisile ukuthi bazoliqinisa iqembu. Insika yeChiefs uSiphiwe Tshabalala nayo isanda kuphumela obala ngokuthi iqembu kumele liqinise isikwati salo ngesizini ezayo.
Amakhosi aqede isizini engawinanga lutho. Bekungokokuqala ukuthi iChiefs iqede amasizini amabili ingazange iwine sicoco.
“Uma umdlali ezobolekiswa ziningi izinto ezibhekwayo. Phakathi kwazo indaba yokuthi uzokhokheleka kanjani. Ngabe iqembu elimbolekile lizokhokha uhhafu bese kuthi iqembu lakhe likhokhe uhhafu noma uzoqhubeka akhokhelwe yiqembu lakhe? Yizo zonke izinto ezibhekwayo futhi okusamele sixoxe ngazo neChiefs. Yingakho ngithi amathuba okuthi abolekiswe angu-80% okwamanje. Uma ungeneme futhi ufuna ukubolekiswa nguwena okufanele uqhamuke neqembu elisuke lizokuboleka. IChiefs siyayazi ke ayilona iqembu okunzima ukuxoxisana nalo,” kusho uNgobeni.
IChiefs ihlale ithi izobuye ikhulume ngabadlali ezobasayinisa nengase ibadedele uma ithintwa njengoba kusanda kusongwa isizini.