KUPHELILE phakathi kukaPhilani Zulu weMaritzburg United noqweqwe lwemenenja uMike Makaab weProSport International okuyinkampani ebiphethe izindaba zalo mdlali.
Isolezwe lithole lezi zindaba ngesikhathi lishayela uMakaab lifuna ukwazi ukuthi kuqhubekani ngoZulu ongabonakali emidlalweni yeTeam of Choice.
UZulu akajimi neTeam of Choice kwazise unqabile ukuvuselela inkontileka naleli qembu okuvela ukuthi limholela amakinati.
UMakaab ethintwa ngoZulu ukusho kwagcwala umlomo ukuthi akasasebenzisani nalo mdlali.
“UZulu angisasebenzisani naye. Lo mfana sengathi kunomuntu omfaka umqondo obhedayo. Ngicabanga ukuthi nginamasonto amathathu ngagcina ukukhuluma naye. Ngifike ngikhulume naye ngamaqembu amfunayo kodwa avele afune itshe lemali. Sengathi uyakhohlwa wukuthi usenezinyanga eziyisithupha engadlali manje. Yingakho ngithathe isinqumo sokuthi ngimyeke,” kusho uMakaab.
UZulu udlale ingcwenga yebhola ngesizini edlule ngesikhathi iTeam of Choice ivika izembe ku-Absa Premiership. Lokhu kwenze kwaba nenqwaba yamaqembu ebifuna ukumsayinisa.
Ethintwa uZulu uvumile ukuthi akasasebenzisani noMakaab kodwa wangafuna ukudalula ukuthi usesebenzisana nayiphi i-agent. Leli phephandaba lithole izindaba zokuthi iKaizer Chiefs, Bidvest Wits noPolokwane City yiwona amaqembu abegaqele uZulu osolwa ngokufuna itshe lemali.
KuTeam of Choice ujima neqembu lenkulisa. Wagcina ukudlala eqenjini elikhulu ngonyaka ophelile ngesikhathi kusekhona * -Ernst Middendorp. Usihlalo weTeam of Choice uFarook Kadodia unqabile ukuphawula ngodaba lwalo mdlali eziseka ngokuthi usekhulume kakhulu ngendaba yakhe.
Inkontileka kaZulu neTeam of Choice iyaphela ngoJuni okuchaza ukuthi usengadlala noma yikuphi lapho ethanda khona ngesizini ezayo.