BENGILOKHU ngizama kulo lonke leli sonto ukuthola into engase inginike umfutho ngalo mdlalo wakusasa othathwa njengomkhulu kunayo yonke ebholeni lakuleli. Sengizame izinto eziningi ukuzigqugquzela kodwa angiwutholi lo mdlandla nofuqufuqu engilubona kulabo abathanda la maqembu.
Ngoba angiwutholi umdlandla ngalo mdlalo wabakhaya baseSoweto - okungangicaceli ngempela ukuthi yini abazobe beyilwela kusasa eSoccer City - senginqume ukuthi nginxuse labo abazoba nesikhathi nesineke sokubuka lo mdlalo ukuthi bangazise ngomphumela.
Ngethemba ukuthi akekho ozongenelwa amagoli angaphezu kwamahlanu futhi akukho mlandeli, isikhulu noma umdlali ozohluthukelwa inhliziyo ephoxwe ezakhe kuze kudingeke ukuthi kungenelele nabakwasidlodlo ukubhula umlilo. Ngithi nje ukuthula noxolo makwande kulo mdlalo namathambo ahlangane abambe umthetho.
Ukuthi akuthinti isicoco seligi okuzokube kubangwa yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kusasa kusho lukhulu ngesimo sala maqembu nokuphathwa kwawo. Umbuzo wami uthi ngabe sekusele igama kuwo womabili noma azunywe isithongwana-nje sesikhashana?
Yize iChiefs ipaquza eduze kwalabo abasesicongweni se-log njengamanje kunzima ukuthi ungayibandakanya emaqenjini azogcina esibanga okwangempela lesi sicoco uma sekusele imidlalo emihlanu kusongwe isizini. Okwenza kube nzima ukwethemba iChiefs wukuthi angeke wafunga wagomela ukuthi umdlalo nomdlalo abawudlalayo bazobuya nawo ephelele amaphuzu.
Kuyihlazwana nokuthi amaqembu amakhulu kangaka abukeka engase ekhale ngaphansi ngisho nakwiCape Town City okungakapheli nonyaka ibunjiwe. Umbango wangempela weligi ngokwami ukubona uphakathi kompetha iMamelodi Sundowns, Bidvest Wits neSuperSport United.
Bonke abanye, kubandakanya iChiefs neCape Town City kubukeka bengamaqembu ongacishe uwabhejele nxa kukhulunywa ngalawo azobe eshaya izandla ngoJuni eshayela ompetha beligi. Laba abashaya izandla bazobe bejatshuliswa ukuqeda kuTop 8. Nxa kunjalo uyazibuza ukuthi ngabe akusele na igama kulezi zintandokazi zaseSoweto?
OkweBucs kona kubukeka kungokwezandla njengoba kuyothokozwa engathi kunqotshwe iligi uqobo lwayo uma bengenile kuTop 8. Okubukeka kuzobe kulwelwa yila maqembu kusasa yikho lokhu okungenhla, akukho okunye.
Abanye abazobe bemincele ukuthi ubavune umphumela walo mdlalo wakusasa abaqeqeshi balama qembu. Phela bazi kahle ukuthi noma bangagcina benze into engatheni kule sizini uma benqobe kusasa bayobe benze lukhulu ukuzifaka ezinhliziyweni zabalandeli.
Umqeqeshi weChiefs uSteve Komphela, okuqale le sizini enyamanambana kubalandeli bezakhe, usathole intuba yokuphefumula muva-nje njengoba imiphumela ithembisa. Uyazi kodwa uKomphela ukuthi kuyophela konke lokho kuthula noxolo kubalandeli bezakhe uma engahlulwa yiPirates kusasa.
Le nsizwa entsha yaseSweden eqeqesha eZimnyama uKjell Jonevret, nayo iyazi ukuthi umsebenzi wokuzifaka ezinhliziyweni zabalandeli beBucs uyobe ufeziwe uma ishaye Amakhosi kusasa. Noma angangalifaka iqembu lakhe kuTop 8 uyoxolelwa inqobo nje uma eshaye iChiefs.
Yilokho-ke okuzobe kubangwa yila maqembu amakhulu akuleli kusasa, hhayi iligi. Uma kungelona ihlazo lokho angazi ukuthi ungakubiza ngani. Iqiniso wukuthi la maqembu womabili adinga isixaxambiji esikhulu ohlangothini lwabadlali nokuphathwa kwawo.
Inselelo enkulu ilele kubaphathi bawo okuzomele bangagodoli nenkece nxa kudingeka abadlali abazofika bavuse okwakudala okwabakhela le nqwaba yabalandeli. Akuzwakali ukuthi iChiefs nePirates bangehlulwa yiSuperSport neWits ngokuhleleka nokuthenga abadlali abavuthiwe.
Eyokungahleleki yiyo eyisihlava esikhulu ebholeni lakuleli, hhayi abadlali. Abadlali sinabo ngoba siye siyibone imiphumela yokuhleleka naleyo yokungahleleki ngisho nalaphaya emaqenjini ethu esizwe. Ukuhleleka kubonakala lapho oWits noSuperSport behlula khona la maqembu athathwa ngokuthi makhulu kuleli.
Yebo imali iningi kula maqembu (Wits neSuperSport) kodwa sibonile eminyakeni embalwa edlule kuSundowns ukuthi kwenzekani eqenjini elinemali eningi kodwa elingahlelekile. Kuthe kungalungiswa eyokuhleleka kwangathi imali esikhona kuSundowns isiphindwe kabili kanti cha.
Nakhona lapha kuChiefs nePirates inkece ithi baba inkinga-nje ukwehluleka kwabaphethe ukuhlelela ikusasa. Umphumela wokungahleleki yilo osilethele lo mdlalo wakusasa lakhona amaqembu amakhulu akuleli ezobe elwela isithunzi sawo hhayi isicoco.