USAZOQHUBEKA nokuqeqesha AmaZulu nangesizini ezayo umqeqeshi uJoey Antipas waseZimbabwe ohlulekile ukufaka leli qembu ku-Absa Premiership.
AmaZulu ahluleke emdlalweni wokugcina weNational First Division (NFD) ukuzibekisela indawo kuma-Play Off. Bekufanele ahlule iFC Cape Town ukuze aqede endaweni yesithathu kodwa akhala ngaphansi ngo 1-0 eKapa. Lokhu kuvulele ithuba iStellenbosch okuyiyona ejoyine iBlack Leopards njengeqembu lesibili leNFD elizodlala ama-Play Off nelizoqeda endaweni ka-15 ku-log ye-Absa Premiersphip.
Nakuba zingakanekelwa umphakathi izinguquko ezizokwenzeka kuMaZulu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2017/2018 kodwa leli qembu likuqinisekisile ukuthi u-Antipas waseZimbabwe uzoqhubeka nokupheka leli qembu. Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, uthe baphoxekile beyiqembu ngokuhluleka ukungena okungenani kuma-Play Off kodwa umqeqeshi akayi ndawo.
“Umqeqeshi unenkontileka neqembu futhi usazoqhubeka nomsebenzi wakhe. Kubhekwe izinto eziningi okukhona kuzo ukuthi sibe nezinkinga zangaphakathi eqenjini esingeke sizinekele abezindaba nokuthi yena nephini lakhe bebeqala ukusebenza kuNFD,” kusho uMkhathini.
“Siphoxekile sonke, kusukela kubaphathi kuya kubalandeli kodwa sihlela zonke izinto ukuze ngesizini ezayo singaphindi amaphutha esiwenzile. Ngaphandle kwalokho sihlanganise iqembu elisha nesikholwa ukuthi ngezayo lizobe selihlangene kahle. Lokhu kwenzekile kwiThanda. Kade inabadlali osekunesikhathi eside bendawonye nomqeqeshi obavikise izembe futhi lokho kuyisebenzele.”
Nakuba u-Antipas ezoqhubeka nokucija Usuthu kodwa kukhona abadlali okuvela ukuthi bazodliwa yizembe. Yize uhla lungakakhishwa kodwa Isolezwe lihoshe ukuthi kuphelile obekuhlanganise AmaZulu noLuyanda Hlongwa, Nkanyiso “Pelembe” Zungu noRoggert Nyundu.
“Ngiyizwile indaba yohlu lwabadlali abahambayo kodwa akukho okusaqinisekisiwe kuze kube bayatshelwa bona,” kusho uMkhathini.
AmaZulu azoqala amalungiselelo esizini entsha ngoJuni 23.