UFANELWE ukunconywa ngobuqhawe bokuphumela obala nokwexwayisa ngesifo ebesimphethe uJoost van der Westhuizen odlule emhlabeni ngoMsombuluko.
Le ndoda eshone ineminyaka engu-45 kusobala ukuthi ubuqhawe yinto eyazalwa nayo ngoba yayilwela kwabonakala iNingizimu Afrika igqoke ijezi lamaBhokobhoko eminyakeni edlule. Empeleni uVan der Westhuizen ungomunye wabadlali ababa ngamaqhawe behlanganisa isizwe ngebhola lombhoxo ngesikhathi iNingizimu Afrika ingosokhaya beNdebe yoMhlaba ka-1995.
Baningi abamnyama abawufunda lapho umdlalo webhola lombhoxo bebuka amaBhokobhoko eqhobozela amazwe asatshwayo kulo mdlalo okubalwa kuwona neNew Zealand abayishaya kowamanqamu e-Ellis Park Stadium.
Kwachazeka uNelson Mandela washaya umdanso adume ngawo sebekwenzile lokho abafana bamaBhokobhoko bewina iNdebe yoMhlaba.
UVan der Westhuizen wake waba ngukaputeni wamaBhokobhoko waphinde wahola iBlue Bulls, yasePitoli, okukhombisa kona ukuthi wayengumholi. Eminyakeni eyisithupha edlule kuvele ukuthi uphethwe yisifo iMotor Neuron Disease (MND) edlavaza wonke amamasela omzimba nomgogodla bese kuba nzima ukuthi umuntu akwazi ukuzenzela izinto nokukhuluma, ingasabalwa eyokuzihambela. Lesi sifo sivamise ukuphatha kakhulu abadlali bebhola lombhoxo nabesibhakela ngenxa yokukhandleka komzimba abakutholayo uma bedlala le midlalo.
Ubuqhawe obukhonjiswe uVan der Westhuizen ukuthi akazange azifihle ngesikhathi esephethwe yilesi sifo, nangesikhathi esengakwazi nokuzihambela sekucaca ukuthi ukhandleke kakhulu. Kunalokho wakhetha ukufundisa abantu ngaso isifo lesi waze wasungula nesikhwama esibizwa nge-J 9 ukuze kuqoqwe imali engasiza abantu abahlaselwa yisona.
Akulula emndenini ukubuka umuntu wakini ebhuqwabhuqwa yisifo kungekho okutheni eningakwenza kodwa umndeni wale nkakha ugcine usukwamukela ukuthi yona yadalelwa ukusebenzela isizwe kwaze kwaba iyashona.
INingizimu Afrika idinga abantu abanesibindi njengoVan der Westhuizen. Ngamaqhawe anjengalawa ke okumele ahlale ekhona emlandweni wezwe.