UBONA sengathi ukudlala kuPremier Soccer League (PSL) kuyambambezela ekutheni aqinise indawo yakhe eqenjini lesizwe laseGhana, u-Edwin Gyimah, osanda kuzicelela ukukhululwa enkontilekeni abenayo ne-Orlando Pirates.
Ngesikhathi kuvela lokhu abaningi bebezitshela ukuthi kusuka ekuxabaneni kwakhe uGyimah nobengumqeqeshi wePirates, uMuhsin Ertugral, ngoSepthemba. Lo mdlali beno-Ertugral bathwetshulwe esikhumulweni sezindiza eCape Town bexabana kwaze kwadingeka amaphoyisa ukuthi abalamule kade beyodlala ne-Ajax Cape Town.
Ukuchithile-ke nokho lokhu usihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, ngesikhathi ezomemezela umqeqeshi omusha wase eveza ukuthi uGyimah uzicelele ukudedelwa kodwa zangavela izizathu. Ngokuthola kweSolezwe, uGyimah ozanyelwa umsebenzi phesheya kwezilwandle, ubone kungcono ayozama phesheya ngoba ukuqhubeka nokudlala kuPSL kwenza angabhekwa nangeso uma sekusethwa isikimu seGhana.
Ku-Afcon ebiseGabon lo mdlali akazange alithinte ngisho sekucacile ukuthi iGhana isidlulele emzuliswaneni olandelayo. Ngokusho kwakhe nabaphethe izindaba zakhe iProSport International, lo mdlali angalithola noma yinini iqembu phesheya ngoba inkontileka yakhe inqanyulwe lingakavulwa ngisho iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Yize uKhoza eze wakumemezela lokhu ngoFebhuwari 16 kodwa uGyimah ubhale incwadi ngaphambi kokuya ku-Afcon lapho ebezicelela khona ukudedelwa. IPirates isamukele lesi sicelo.
“Njengoba iphepha lakhe likuyena asijahile kangako kodwa senza konke okusemandleni ukumtholela umsebenzi phesheya kwezilwandle. Siqinise kakhulu e-Europe ngoba umdlali kulapho ebheke ukuyodlala khona.
“Akukho okukhona etafuleni okwamanje kodwa asinalo itwetwe ngoba uma sithola iqembu elimfunayo angaqala noma yinini ngaphandle kokulinda amaphepha athile,” usho kanje omunye wabasebenzi baseProSport International kodwa ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.
UGyimah (25) ube ngomunye wabadlali abathathu (abazinze e-Afrika) esikwatini seGhana ebesiku-Afcon. Laba uFatau Dauda, naye oke wavimba kuPirates noRichard Ofori. Bobathathu abazange balithole ijezi eGabon okwenza icace indaba kaGyimah yokubona iPSL njengesihibe ekwenzeni indawo ibe ngeyakhe kumaBlack Stars.