ISITOBHA seKaizer Chiefs, uDaniel Cardoso, siwukhomba kozakwabo umunwe hhayi kumqeqeshi ngomkhuba omubi wokudedela amagoli ngemizuzu yokugcina okwenzeke ngoMgqibelo ebusuku bebanjwa iLamontville Golden Arrows e-FNB Stadium.
Ukubanjwa kweChiefs kushabalalise amathuba kaSteve Komphela okuqeda isizini kukhona akuphethe kungafani nangesizini edlule lapho eqede khona eshwiba izandla. Indlela iChiefs ebanjwe ngayo yi-Arrows ishiye abalandeli befuna ukumudla bamfele umqeqeshi uSteve Komphela kodwa ngemuva komdlalo uCardoso uzigxeke yena nozakwabo ngalo mkhuba.
Le nkinga iqale ngokuthi iChiefs idedele uJudas Moseamedi ngomzuzu wokugcina ibambene neCape Town City kungu 2-2. Igoli likaMoseamedi lenze kwaba * 3-2 kunqoba ezika-Eric Tinkler. Umdlalo olandele lowo iChiefs ibihamba phambili ngo 2-1 sekusesikhathini sikanondweba idlala neSuperSport United kodwa yavumela * -Aubrey Modiba ukuthi ashaye elokulinganisa njengoba benzile nakuKnox Mutizwa ngoMgqibelo ebusuku.
“Kubanga amahloni ukuthi njalo kufanele siphendule imibuzo ngokudedela kwethu amagoli okungafanele ngabe ayasidla. Sifike sidlale kahle yonke imizuzu engu-90 sivimbe ngendlela efanele. Angazi uma sekuthiwe sekusesikhathini sikanondweba kwenzekani kithina. Alikho icala ongalibeka umqeqeshi uma kunjalo kepha umunwe kumele ubheke ngakithina. Ithina esidliwa amagoli abhedayo.
“Yinkinga le esibhekene nayo futhi inkulu ngoba la magoli siwadedela ngezikhathi lapho sisuke singeke sisaba nalo ithuba lokulungisa umonakalao. Siya emdlalweni wethu olandelayo siphoxekile ngoba siyazi ukuthi angakanani amaphuzu esesiwalahlile ngalo mkhuba (wokuvuza emuva esikhathini sikanondweba),” kusho lo mdlali.
UCardoso ukhala ngokuya emdlalweni ozayo bephoxekile nje, kunezinye izinkinga njengoba uWillard Katsande engeke adlale emdlalweni wabo nePolokwane City ngoMgqibelo e-Old Peter Mokaba Stadium.
Ngaphandle kwalokhu kumincelwe ukuthi uRamahlwe Mphahlele odlale ngoMgqibelo eselimele abe esesimeni esikahle ngempelasonto ngokunjalo noSiphiwe “Shabba” Tshabalala ongadlalanga kowe-Arrows ngenxa yakho belu ukulimala kubanjwe umoya ngokululama kwakhe.