UZWAKALE enengeka futhi eduba umqeqeshi wePlatinum Stars, uCavin Johnson, ngenxa yokuthi alokhu ebhebhetheke njalo amahlebezi okuthi umgadli wakhe ongaconsi phansi, uNdumiso Mabena, usendleleni ebheke emaqenjini athathwa njengamakhulu eGauteng ngokuphela kwesizini.
UMabena, ofike kuPlatinum kumasizini amathathu edlule kade exoshwe ku-Orlando Pirates, uqale phansi muva nje uqhulula amagoli amqoka osekwenze amaqembu ahlanganisa iKaizer Chiefs, SuperSport United namanye amathathu amfuna uthuli lo mgadli.
Yize ebezwakala ukuthi iyamnenga indaba kaMabena kodwa uJohnson uthe akumkhathazi nakancane lokho ngoba umdlalo webhola likanobhutshuzwayo uwuqonda ukusuka nokuhlala.
“Ukumataniswa kukaMabena namanye amaqembu akungiqedeli ubuthongo ebusuku. Ngiwazi kahle lo mdlalo esikuwona manje ezinye izinto azingiqedeli ubuthongo yize kukhona abathile abafisa kube njalo. Izinto ezifana nalezi ziyenzeka ebholeni.
“Angithi nje izinto ezifuze lezi sezenzeke kaningi kimina njengomqeqeshi kodwa nakhu nanamuhla ngisekhona kulo mkhakha. Wonke umdlali odlule esandleni sami uyazi ukuthi ngihlale ngibakhuthaza ukuthi abadlalele ukuziphula njalo uma besenkundleni ngoba abazi ukuthi ubani osuke ebabuka,” kusho lo mqeqeshi omatasa namalungiselelo omdlalo weNedbank Cup naMaZulu namuhla ngo-7.30 ebusuku eMoruleng Stadium.
NgokukaJohnson ukuhamba nokufika kwabadlali yinto ahlale eyikhuthaza ngakho-ke nakulokhu uMabena ophelelwa yinkontileka, angahamba uma ethanda.
“Ngisho ngabe ngiyathanda ukumvimba ngeke ngikwazi. Abadlali bayafika badlule. Okwethu njengabaqeqeshi wukukhiqiza ngaso sonke isikhathi ukuze kuthi uma kufika izikhathi ezifana nalezi singasali sincela izithupha eqenjini.
Uma umdlali engakholwa ukuthi kukhona abambukayo ngaso sonke isikhathi, akukho engingakwenza mina ngoba kuyacaca ukuthi lowo mdlali usuke anele ngalokhu akutholayo. Angikholwa ukuthi umdlali angeneliswa akutholayo kepha kufanele ngaso sonke isikhathi azame ukuzakhela impilo engcono. Noma kungenzekani ngoMabena ngizosamukela isinqumo sakhe. Anginandaba ukuthi inkontileka unayo noma akanayo kodwa uma kufanele ahambe mina ngithi ndlelanhle kuyena,” kusho lo mqeqeshi ezwakala sakuduba.