UBUHLATHI beSouth African Football Association (Safa) busazoqhubeka budale ezinkinga eqenjini lesizwe iBafana Bafana. Lona ngumbono ka-Ephraim “Jomo” Sono, ongumnikazi weJomo Cosmos edlala kwiNational First Division (NFD).
ISafa ithungatha umqeqeshi welesizwe ngemva kokuxosha * -Ephraim “Shakes” Mashaba ngasekupheleni konyaka odlule.
“ISafa iyibhubesi elingenamazinyo. Ukube inekomiti elibhekana ngqo nomqeqeshi bese lidlulisela ezikhulwini zayo ngabe ayikho le nkinga yokushintshashintshwa kwabaqeqeshi.
Kwakhona nje ukuthi umengameli weSafa abonane nomqeqeshi welesizwe siqu ngezithinta umsebenzi wakhe akuzwakali kahle.
Ukube leli komiti lalikhona ngabe uDanny Jordaan, ubengaxoxi noMashaba siqu. Ngabe ubethumela ikomiti lixhumane noMashaba kuphume isisombululo.
Ngisho lokhu okwenzeka ePolokwane emva komdlalo neSenegal njengoba sizwa kuthiwa akamhloniphanga ngabe akwenzekanga ngoba uMashaba ubezoxhumana nekomiti, amele kude le uJordaan,” kuchaza uSono.
Ebuzwa ukuthi ngabe ubona kuzoba ngubani ozothatha izintambo kwelesizwe, uSono uthe: “Ngokuyazi kwami iSafa, isinaye kudala umqeqeshi futhi kungenzeka kade asayina.
“Okubuhlungu ukuthi kuzidlalelwa ngabantu nje kuthiwa bafake ama-CV ngenhloso yokuzama ukwenza isimo kube ngesejwayelekile. Ngakho ngeke ngathuka uma isivele ikade yamqasha ozovala esikaMashaba,” usho kanje.
Le nkakha izwakalise ukumzwela umqeqeshi omusha weBafana Bafana ozothatha izintambo, uma “engenawo umgogodla oqinile”.
“Ngiyamzwela umqeqeshi omusha weBafana Bafana uma engenawo umgogodla oqinile ngoba uzodlala ama-agent efuna kufakwe abadlali bawo. Ngesikhathi kunomqhudelwano weNdebe yoMhlaba ngo-2002, ngathenjiswa itshe lemali ngenye yama-agent ukuba ngidlalise umdlali wayo.
“Ngayithembisa inqindi, ngayitshela ukuthi kangithengwa mina, ngidlalisa umdlali ngoba ekufanele ukudlala kwelesizwe. Loyo mdlali, angimdlalisanga emdlalweni wethu wokuqala neParaguay esawudlala ngokulingana ngo-2-2.
Nokho ngamfaka emdlalweni wethu wesibili sengimbonile ukuthi ukulungele ukudlala, futhi wafika washaya negoli. Ngisho ukuthi komele azibambe ziqine ozothatha izintambo ngoba awawubambi umshini ama-agent,” kuchaza uSono efa yinsini.
ISafa kulindeleke ukuthi imemezele umqeqeshi omusha welesizwe ngenyanga ezayo.