INGWAZI ye-Orlando Pirates, uJomo “The Prince” Sono iphonsele usihlalo
we-Bucs u-Irvin Khoza inselelo yokubuyisa izinsuku zenjabulo kweZimnyama.
IPirates sekuphele iminyaka emithathu ingawini lutho. Igcine ukuphakamisa isicoco ngo-2014 ngesikhathi ikhala yemuka neseNedbank Cup.
Kumasizini amabili edlule iPirates iqede ishwiba izandla. Kule sizini isihlulwe yiMTN 8, Absa Premiership, Telkom Knockout njengoba isisele neNedbank kuphela.
NgoJuni 24, iPirates izodudulana neSuperSport United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kowamanqamu weNedbank Cup.
USono wazakhela udumo kwiPirates ngokudlala ibhola elinemijiko ehlanyisa abalandeli ehambisana namagoli amqoka, eminyakeni eminingi edlule.
“Ebholeni kunesikhathi lapho ubhekana khona noshintsho. Njengamanje iPirates ibhekene nalo. Okuhle wukuthi isezandleni ezifanele. Usihlalo wayo * -Irvin Khoza uyalazi ibhola nokufanele akwenze. Usehlale kwiPirates iminyaka futhi isenhliziyweni yakhe.
“UKhoza akabhekile imali ngokuba kwiPirates. Abanye abantu beza ebholeni ngenhloso yokuzokwenza imali. Usebe kwiPirates kusukela ngo-1980. Ngesikhathi ngisadlala wayengunobhala jikelele. Uzoyishintsha iPirates ngoba unesipiliyoni. Useke wakwenza phambilini. Usafuna ukuzuza izinto. Ngiyakwazi lokho ngoba siyaxoxa naye. Uyazi ukuthi iqembu alikho eqophelweni eliphezulu njengamanje. Lokho ukwazi kahle. Iqembu analo alikho eqophelweni lokubanga izicoco,” kusho uSono ngesikhathi ekhuluma nezintatheli izolo emini eDurban City Hall lapho bekuqwashiswa khona amadoda ngendlela yokuziphatha.
Phambilini iPirates isike yahlala iminyaka eyisishiyagalolunye ingawini lutho. Leli shobolo iPirates iliqede ngo-2010 ngaphansi kukaRuud Krol waseHolland. Ngemuva kwalokho izicoco zingene zilandelana kwiPirates inqoba eziyisithupha kumasizini amabili elandelana.
Kulo nyaka igubha iminyaka engu-80 yasungulwa.
“Njengamanje ngifana nomuntu oshadile. Ngakho angikwazi ukukhuluma ngigxile ngentombi yami endala. Ngeke ngikwazi ukusho ukuthi ngeneme noma ngijabule yini ngesimo sePirates njengamanje ngoba nginomshado neJomo Cosmos. Ngeneme futhi emshadweni wami. IPirates ngiyazifela ngayo futhi ningangicaphuna ngisho njalo.
“IPirates yakha ubaba yaphinde yengenza lo muntu engiwuyena namhlanje. Ubaba waba ngukaputeni wePirates iminyaka ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni engozini yemoto. Inhliziyo yami isekhona kuyona kodwa njengamanje sengigxile kwiCosmos,” kusho uSono.
ICosmos ihluleke yancama ukunyukela kwi-Absa Premiership ekupheleni kwesizini esanda kusongwa yeNational First Division.