UKUQOKWA njengomengameli omusha weConfederation of African Football (CAF) kuka-Ahmad Ahmad waseMadagascar kuzophenya ikhasi elisha ekuphathweni kwebhola e-Afrika ngemuva kokugudluza esigqikini u -Issa Hayatou, obesehlale esikhundleni iminyaka ewu-29.
Lokhu kushiwo umengameli weSafa uDanny Jordaan, okhethwe njengelungu lesigungu esiphezulu esisha seCAF ngoLwesihlanu ebusuku ngemuva kokuthi cababa e-OR Tambo International Airport, eGoli ebuya engqungqutheleni yeCAF ebise-Addis Ababa, e-Ethiopia.
“Ukuqokwa kuka-Ahmad kuwukuzalwa kabusha kwenhlangano futhi kwemukwelwe yiwona wonke umuntu obefuna uguquko ebholeni lase-Afrika. Kuqopheke umlando ngokuthi kube okokuqala ngqa ukuthi umengameli aqhamuke e-Afrika eseNingizimu.
“Selokhu kwathi nhlo umengameli ubelokhu ephuma emazweni aseNtshongala noma eNyakatho ne-Afrika,” kusho uJordaan.
Uthi sesifikile isikhathi sokuthi kusetshenzwe ngendlela ehlukile ukuze ibhola kwelengabadi lithuthuke lifinyilele kwelinye izinga.
Ebuzwa ukuthi njengoba kukhona uqhekeko phakathi kwamazwe akhuluma iNgisi nalawo akhuluma olwesiFlentshi ngabe umengameli omusha uzokwazi yini ukuhlanganisa le mihlambi engqubuzanayo, uthe lokho kuzokwenzeka noma yikanjani.
“Empeleni kumazwe avotele * -Ahmad kukhona nalawo akhuluma isiFlentshi ngoba abesibona isidingo sokuthi kube khona izinguquko ekuphathweni kwebhola e-Afrika. Okuhle ngisho naye ukhuluma isiFlentshi,” kusho uJordaan.