UKUSHIYA kukaBrighton Mhlongo kwi-Orlando Pirates kushiye uSiyabonga Mpontshane nengqayizivele yethuba lokudlala kowomkhaya baseSoweto neKaizer Chiefs kwiCarling Black Label Champion Cup eseFNB Stadium ngoJulayi 29.
Lo mdlalo amathikithi awo asedayiswe aphela ungo-3 ntambama.
UMhlongo, osengumdlali weChippa United asanda kusayina kuyo amasizini amathathu, ushiye kwiPirates kade kunguye unozinti ohamba phambili ngamavoti okuqala umdlala ngoJulayi 29.
Ukushiya kwakhe kusho ukuthi abalandeli bazothola okwaziwa ngeSuper Vote.
Uhlelo lweSuper Vote lusebenza ngokuthi labo balandeli abebemvotele uMhlongo bazobuyiselwa amavoti abo ukuze bezowahlwanyela komunye unozinti abambona efanele ukuvimbela iBucs.
Ngokwabadidiyeli beCarling Black Label Champion Cup abalandeli uMpontshane nguyena nozinti obelandela uMhlongo nosesele eqhulwini.
UJackson Mabokgwane kuthiwa usele ngamavoti angaphezu kuka-20 000 kuMpontshane, ongenelwe amagoli amane kade evimbe emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup betalajwa ngo 4-1 yiSuperSport United eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoJuni 24.
Kulowo mdlalo wamanqamu uMpontshane yize egcine engenelwe amagoli amane kodwa kuyacaca ukuthi wabacosha abalandeli ngokuvimba iphenathi kaJeremy Brockie ngaphamba kokuthi kwehle uzamcolo wamagoli.
Yize ebukeka ezidlela amahlanga kuMabokgwane uMpontshane kodwa kusangashintsha lokhu kwazise indawo kaMhlongo ohlwini lwabadlali bePirates ithathwe yinkunzi emdwayidwa uWayne Sandilands, ozoqala isizini yakhe ka-13 ebholeni elikhokhelayo.
USandilands utheleke kwiPirates esuka kwiMamelodi Sundowns anqobe nayo isicoco seCaf Champions League ngonyaka odlule.
Omunye unozinti omusha esitebeleni seBucs ngu-Emmanuel Daniel waseNigeria osayine ngoFebhuwari kodwa wabanjwa amaphepha okusebenza naselungile. Kusukela efikile kwiPirates uMpontshane akakaze avimbe emdlalweni womkhaya.
Kusukela kudlule uSenzo Meyiwa ngo-2014 nguMhlongo obevimba kweyomkhaya nakumaCarling amabili, eka-2015 neka-2016.
Amavoti asatotoba ku-7 million. Ukuvota kuvalwa ngoJulayi 25.
KolwaMakhosi kulindeleke ezintini kube ngu-Itumeleng Khune ongunozinti ohlale ezimisele uma eboshelwe emdlalweni womkhaya. “UKhune benoTshabalala (Siphiwe) siyabathanda ngokuzinikela, bayazi ukuthi uma bengena enkundleni bayokwenzani. Uma kunoKhune sinethemba, yingakho ehlale ehamba phambili,” kusho unobhala wegatsha laseThekwini uNokuthula Khoza.
UKhune ongukaputeni weBafana Bafana uthole ithuba lokuba sezintini zaMakhosi ngesizini ka-2007/08. Ibhande lobukaputeni ulinikwe nguVladimir Vermezovic.