NGEMUVA kokuphucwa iqatha emlonyeni ezakhe zihlulwa ngoqhwasha ka 1-0 yi-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu weNedbank Cup, umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uClinton Larsen, usebheke ukuthi abuyise izinduku la maqembu esephinde ehlangana ngempelasonto kowokuvala iligi.
I-Arrows eguqe ngegoli lika-Abbubaker Mobara, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngempelasonto, izokwamukela iPirates emdlalweni we-Absa Premiership ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium ngo-3 ntambama.
Nakuba Abafana Bes’thende bephuthwe yithuba lokusayina isheke lika-R7 million elihambisana nokuba ngompetha beNedbank Cup kodwa umdlalo wangempelasonto ungabanikeza ithuba lokulwela * -R8 million otholwa ngompetha beMTN 8 ngesizini ezayo.
Iqembu likaLarsen njengamanje liyibambe endaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu angu-35, lidinga amaphuzu amathathu kwiPirates ukuze libe nethuba lokuqeda kwiTop 8.
Ukuhlula eZimnyama kuzoxikixa isigxivizo sokuthi okokuqala emlandweni wePremier Soccer League ziqeda isizini ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu.
Amanye amaqembu abanga iTop 8, iMaritzburg United, Ajax Cape nePolokwane City. IPlatinum Stars nePirates sekungadinga bawine ngembudlu yamagoli bese eyahlulwa la maqembu angaphezulu kwabo ukuze bathole intuba.
“Umphumela lo (ka 1-0) awusho lutho. Kunalokho uyasigqugquzela ngoba sesiyazi ukuthi singaya kulowa mdlalo sifike silihlule leli qembu. Sicishe sakwenza namuhla (ngeSonto), ngesonto elizayo uma sisebenzisa amathuba silungise amaphutha singakwazi ukuwina,” kusho uLarsen.
Lo mqeqeshi uthe kungenzeka ukuthi abadlali bakhe bathuswe yisiteji ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Abalandeli iningi labo obekungabePirates bebephume ngobuningi eMagogo.
“Siyiqembu eliselincane kungenzeka ukuthi mhlawumbe abanye abadlali basindekile. Asizange sibahlakaze kanti nebhola besililahla kodwa ngiyaziqhenya ngabo, ekugcineni bazinikele ngakho konke. Njengoba sesiphumile kowomkhumulajezi kumele sigxile emdlalweni wethu wokugcina weligi.”
ULarsen uthe uyakuqonda ukuthi iqembu lakhe alizange likwazi ukubamba umgqigqo kule sizini kodwa ukholwa wukuthi izikhinsi abadlule kuzona zizobenza iqembu elingcono kumasizini ezayo.
“Abadlali bazofunda emidlalweni efuze lena. Bazokhula, ngethemba ukuthi ngesizini ezayo sizokwenza okungcono emiqhudelwaneni ngoba kukhona ukukhula engikubonayo umdlalo nomdlalo. Kumasizini ezayo laba badlali bazobe sebevuthiwe, sibe nesikwati esihle,” kusho uLarsen.