UBHEKE ukuthi bashaye amagoli amabili noma amathathu kusukela ngoLwesihlanu uma bedlala imidlalo yasekhaya umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane.
Leli qembu laseChloorkop lizodlala neKampala City Council koweCAF Champions League, eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku.
“Bayiqembu elinzima, kuzobe kungumdlalo omkhulu ngoLwesihlanu. Kufanele sishaye amagoli ekhaya ngoba akulula ekuhambeni. Amagoli amabili noma amathathu mahle uma nidlala ekhaya. Ngibabonile ngesikhathi benqoba umdlalo wabo ngo 7-0 ekhaya. Kunomdlali oshaya amagoli kuleli qembu odlala ngenxele. Bayingozi enkundleni yabo encane enotshani obungebona obemvelo. Kufanele senze isiqiniseko sokuthi abalishayi igoli lapha kithi,” kusho uMosimane.
Uthe ukuvikela isicoco seChampions League yinto engenzeka. “Kodwa udinga ukuthi abadlali bakho bangalimali, futhi babe sefomini. Kumele ungalishintshi iqembu lakho owine ngalo. Thina sibulawa ukungabi khona kukaKeagan Dolly. Indawo yakhe iyabonakala kodwa angisho ukuthi ngeke sidlale sinqobe uma engekho. Bengidlalisa uThemba Zwane kodwa bekungenele njengoba yena edlala ngonyawo lwesokudla, kanti akasheshi njengalona ohambile.”
Uveze ukuthi ubulawa ngabadlali abalimele wathi kodwa abanye bebengadlali ngesikhathi bebhekene neMariveni ngoba ubebabekele oweCAF.
“UTiyani Mabunda ulimale ehlombe, noHlompho Kekana bengithi uzodlala imizuzu engu-45 eKapa kodwa kwangakwenza ngoba bengingafuni ukuthi ngithathe amashansi. ULucky Mohomi ubengakajwayeli indlela esidlala ngayo. Ngigcine abadlali abafana noBangaly Soumahoro ngenzela lo mdlalo. UWayne Arendse unamakhadi kodwa kusafanele basitshele bona abeCAF,” kusho uMosimane.
Uthe iqembu lakhe alidlalanga kahle libhekene neMariveni FC koweNedbank Cup kuyo le nkundla ngoMsombuluko. “Okubalulekile ukuthi sidlulele phambili kulo mqhudelwano. Bake bathi ukusithwalisa ubunzima begoloza ukudedela igoli. Kodwa siyijwayele imidlalo enjena, nangesikhathi sidlala neVasco Da Gama kwakunjena kowandulela owamanqamu weNedbank Cup.”
ISundowns inqobe lo mdlalo ngamagoli kaLeonardo Castro no-Anthony Laffor. “Kuhle ukuthi ugcine elitholile igoli uCastro. Ubelifuna naseKapa. Kodwa engikuthandayo ngaye ukuthi akakashintshi.”