LUNGILE MAJOKA
USUSE umsindo enkundleni yokuxhumana i-twitter, umdlali weKaizer Chiefs, uGeorge Lebese, obhale ukuthi yena into ayifunayo wukudlala kuphela akukhathalekile ukuthi ugqoke liphi ijezi.
“Engikufunayo wukudlala ibhola noma ngabe iliphi ijezi engiligqokile,” kubhala uLebese ekhasini lakhe @GeorgeLebese izolo ekuseni.
All I wanna do is play football irregardless of what color tshirt I have on.
— GL_17 (@GeorgeLebese) June 7, 2017
Abamlandelayo bamsole ngokuthi unalo impela ithalente kodwa inkinga yakhe ubuvila.
UBafana Boss Mazibuko uthe: “Mfwethu unalo ithalente, inkinga yakho uyavilapha.”
Le nkulumo inanelwe uSifiso b Gumede.
“Usho lento engihlezi ngiytshela abangani bami ngoGeorge, unethalente kowa alisho lutho uma ungazimiseli,” kusho uGumede.
Omunye umbuzile ukuthi ngabe le nkulumo yakhe isho ukuthi uyashiya kuChiefs nayiphendule ngokuthi “cha”.
Okhulumela iChiefs uVina Maphosa uvumile ukuthi bawubonile umbhalo kaLebese kodwa ngeke basho okuningi ngoba kuvaliwe njengamanje.
IChiefs ihlezi ikugcizelela ukuthi inemigomo elawula abadlali ngendlela abaphawula ngayo ezinkundleni zokuxhumana.
Umbhalo kaLebese ubonwe nangamaqembu aseKapa, iCape Town City ne-Ajax Cape Town aveze ukuthi angakujabulela uma engeza kuwona.
“Engingakusho wukuthi uGeorge unenkontileka neChiefs. Ngeke siyinake into ayibhale ku-twitter. Amaqembu afuna abadlali bethu ayayazi imigudu okumele ayilandele,” kusho uMaphosa.