INSIKA yomdlali waMaZulu FC uSiyabonga “Bhele” Nomvete ifunga iyagomela ukuthi Usuthu ngeke lugawulwe yizembe kwi-Absa Premiership.
Usuthu luphoxe izinkumbi zabalandeli luthelwa othulini ngomafikizolo uThongathi FC emdlalweni we-quarterfinal yeKZN Premier’s Cup eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay ngoMgqibelo.
UThongathi luguqise Usuthu ngo 2-1. Amagoli oThongathi avalelwe enethini nguSiyabonga Thwala kwathi elokubika loSuthu lashaywa nguThapelo Nyongo.
Ngemuva kwalokho umqeqeshi woSuthu uJoey Antipas uvele wanyamalala. UNomvete (39) exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo ukubeke kwacaca ukuthi ababuyeli kwiNational First Division.
“Amajita akazange adlale kahle. Nginesiqiniseko sokuthi naye umqeqeshi ubonile. Ngokubona kwami bebephansi kakhulu. Engifuna ukukubeka kucace wukuthi AmaZulu ngeke adliwe yizembe uma mina ngisadlala. Lokho-ke kumele kucace. AmaZulu ngeke abuyele esigabeni esiphansi. Abantu akumele basijaje ngemidlalo yokulungiselela isizini. Imidlalo yokulungiselela isizini mihle kodwa akumele unqobe yona bese uzitshela ukuthi awusabambeki. Emidlalweni yeligi yilapho sizokhombisa khona ukuthi akusahlekwa,” kusho uNomvete.
Usuthu luthenge ilungelo leThanda Royal Zulu lokudlala esigabeni esikhulu. IThanda iyona ebe ngompetha beNational First Division ngesizini edlule lapho bebedlala khona naMaZulu.
“Kuyajabulisa ukubuyela esigabeni esikhulu ngoba wonke umuntu uphokophelele ukudlala khona. Njengamanje umqondo wami ugxile ekutheni ngisize iqembu hhayi ukuthi ngijahe imiklomelo etholwa ngabadlali ngabodwana. Okunye kuyazenzakalela. Kuyahlupha ukuzibekela imigomo ngoba uma ingasafezeki uyaphoxeka. Isifiso sami wukubeka iqembu esimeni esihle,” kusho uNomvete.
Ngempelasonto AmaZulu asebenzise abadlali abasha okubalwa kubona * -Ayabulela Konqobe, Jabulani Ncobeni, Mhlengi Cele, Thembela Sikhakhane noSadat Ouro-Akoriko.
Ebuzwa uNomvete ukuthi uzimisele ngokudlala aze abe neminyaka emingaki uthe: “Ukudlala ibhola kuyisiphiwo sami. Yimilenze yami ezongitshela uma ingasavumi.”