ISIKHWISHIKHWISHI somdlali weMamelodi Sundowns, u-Anthony Laffor, asiziboni sidlalela elinye iqembu eNingizimu Afrika ngaphandle kwaBafana Ba Style.
ULaffor (32) uchayise iKaizer Chiefs, SuperSport United neBidvest Wits obekuvela ukuthi bebemfuna uthuli. Lo mdlali odabuka eLiberia ubecathanyelwa nayiqembu laseQatar.
ULaffor ugcine eyivuselele ngeminyaka emibili inkontileka yakhe neSundowns njengoba ibiphela ngoJuni. Utshele Isolezwe ngesizathu esenze wachayisa amanye amaqembu amakhulu abemfuna.
“Benginalo ithuba lokujoyina amanye amaqembu eNingizimu Afrika naphesheya kwezilwandle. Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi yize bekukhona amaqembu abengifuna kodwa alikho engike ngakhuluma nalo njengoba bekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari. Ngikhethe ukuvuselela inkontileka yami neSundowns ngoba iyiqembu elisafuna ukuzuza izinto ezinkulu e-Afrika. “Njengamanje iSundowns yilona iqembu elihamba phambili eNingizimu Afrika ngakho angikwazi ukushiya elinye iqembu elihamba phambili ngiyodlalela elinye elidlala kwiligi efanayo nalo. Benginalo ithuba lokuya eQatar kodwa ngakhetha ukuhlala kuSundowns. Iqembu ebelingifuna eQatar bekungelona iqembu elikhulu, livika izembe. Bengingeke-ke ngishiye ukuwina izicoco ngiyovika izembe phesheya,” kusho uLaffor.
Namuhla ngo-7.30 ebusuku iSundowns izoshukana nePlatinum Stars eRoyal Bafokeng Stadium, eNorth West emdlalweni we-Absa Premiership.
“KuSundowns ngiphatheke kahle. Ngifuna ukubonga umengameli weqembu uPatrice Motsepe, ozakwethu nethimba labaqeqeshi ngokungeseka. Kimina iqembu liza phambili ngakho noma kungathiwa ngiwuqalile umdlalo noma ngihlezi ebhentshini akwenzi umehluko. Uma iqembu liwina inhliziyo iyakhululeka. Uma ngihlezi ebhentshini ngingena ngenze umehluko. Lokhu kukhomba khona ukuthi ngisuke ngingadikibele ngokuqala ebhentshini,” kusho uLaffor.
ISundowns igcwele ukuzethemba ngemuva kokuqumba phansi iTP Mazembe ngo 1-0 kuCaf Super Cup.
“Sesikhohliwe ngomdlalo weMazembe. Sesibheke owePlatinum Stars. Sifuna ukuqoqa amaphuzu amathathu ngoba indawo esihlezi kuyona ku-log akuyona le esifuna ukuba kuyona. Kumele sivale igebe emaqenjini angaphezu kwethu.
“Yebo sisele ngemidlalo kodwa akusho ukuthi imidlalo esisele ngayo sesiyinqobile. Kumele sinqobe le midlalo ukuze sikujabulele ukuthi besisele ngemuva ngemidlalo kwamanye amaqembu. IPlatinum ayilona iqembu elilula. Sizoyihlonipha kodwa kumele yazi ukuthi sidinga amaphuzu amathathu,” kusho uLaffor.