ISILOMO somdlali uSiyanda “Magazi” Xulu kungase kuphele leli sonto sesingeyena umdlali weKaizer Chiefs.
UXulu ufakwe ohlwini lwabadlali abangekho ezinhlelweni zomqeqeshi waMakhosi uSteve “Mphathi” Komphela. Lesi sitobha esidabuka KwaMashu sijoyine Amakhosi kumasizini amabili adlule.
Sasayina inkontileka yeminyaka emihlanu. Isolezwe lihabule ngomthombo walo othembekile ukuthi uXulu uzama indlela yokuthi anqamule inkontileka yakhe neChiefs.
“Maningi amaqembu afuna uSiyanda. Inkinga wukuthi unenkontileka esalelwe yiminyaka emithathu kwiChiefs futhi uhola kahle kuyona. Lokhu kwenza amaqembu acabange kaningi ngoba iChiefs ifuna imali enkulu. Njengamanje imenenja kaXulu (uPaul Mitchell weSiyavuma Sport Agency) izama indaba yokuthi inkontileka kaSiyanda inqanyulwe ukuze akwazi ukuxoxa namanye amaqembu afuna umdlali. Kusasa (namuhla) imenenja yakhe izohlangana nezikhulu zeChiefs. Kungenzeka kushaye uLwesibili engaseyena umdlali weChiefs,” kusho umthombo.
UXulu ubelizwa ngendaba ijezi ngesizini edlule. Ubemiswe kabi nguLorenzo Gordinho no-Eric “Tower” Mathoho. Uma kukhona ongekho phakathi kwabo uKomphela ubesebenzisa uDaniel Cardoso. UXulu ubeselanyulelwa yiMultiChoice Diski Challenge.
UMitchell ethintwa ngalezi zindaba ukhale ngokuthi usenkonzweni ngeke akwazi ukuphawula ngale ndaba. UXulu kuvela ukuthi ugaqelwe yiCape Town City neSuperSport United. Abazazi zonke ezithinta uXulu bathi kungenzeka futhi asayine ku-Atletico de Kolkata edlala kwi-Indian Super League.
Leli qembu liphethwe yizikhulu ze-Atletico Madrid yaseSpain. UXulu uke wadlala phesheya kwezilwandle phambili. Ubegijima kwiFC Rostov yaseRussia ngaphambi kokuthi asayine kwiChiefs.
UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ukhale ngokuthi ubuyela emsebenzi namuhla.
“Mina ngisamile esitatimendeni engasithumela. Njengamanje akukho okusha engingakutshela khona. Ngibuyela emsebenzini kusasa (namuhla),” kusho uMaphosa.
UXulu usajima nayo iChiefs kwazise usanenkontileka. Indawo kaXulu ivalwe nguTeenage Hadebe obegijima kwiChicken Inn yaseZimbabwe. Lo mdlali kuvele ezithi useqede yonke into naMakhosi.