UTHABO Rametsi, ongumlingisi oqavile efilimini yakuleli ekhuluma ngesishoshovu somzabalazo, uSolomon Mahlangu, iKalushi, uthe uhlulwa nawukuyichaza indlela azizwa ngayo ngokudlala indawo yomlingisi oqavile kule filimu.
Lokhu ukusho ngesikhathi esohlelweni olukhuluma ngempilo yosaziwayo, iReal Goboza, kuSABC 1, ngoMgqibelo.
UThabo uthe ngesikhathi beqala ukuqopha ifilimu kwabaphoqa ukuthi bahambe baye ethuneni likaMahlangu beyombikela ngokuzokwenzeka.
“Sashisa impepho sakhuluma noSolomon. Kwakukhona nomfowabo senza konke lokhu futhi ekanye nathi ngesikhathi kuqoshwa esitshela ngezinye izinto ezazenzeka empilweni kaSolomon,” kuchaza uThabo.
Ngaphambi kokuqala ukuqopha uthe yena wathatha uhambo waya lapho lesi sishoshovu sazalelwa khona nalapho sasiboshelwe khona wagcina efike nasendaweni esalengiswa kuyo ukuze abe nolwazi ngendawo ayezoyilingisa.
Uthe ukujabulele kakhulu ukudlala indawo kaMahlangu owalengiswa ngo-1979.
“Kuningi engikufunde kule filimu ngoba bengingazi lutho ngalesi sishoshovu kodwa konke okwenzeka kusona ngikuqonde ngesikhathi sesiqopha. Mina njengoba ngisethimbeni lababhali bale filimu kungenze ngabona ukuthi kubaluleke kanjani ukuxoxa ngomlando wabantu bakuleli abalwela izwe,” kuchaza uThabo.
Uthe uyamhlonipha kakhulu uSolomom ngemuva kokuqopha ifilimu futhi imigubho kaJuni 16 kuleli kumele iqhubeke ihlonishwe.
UThabo uthe wayengazimisele ngokungena emkhakheni wokulingisa njengoba eneziqu zobummeli.
“Abazali bami bathi angifunde kuqala ukuze ngibe nesinkwa. Okokulingisa kuqhamuke manje sengikhulile. Kungikhulisile ukusebenza nabantu abafana noPearl Thusi ebengisebenza naye kakhulu njengoba ubedlala indawo yokuba owesifazane owayethandwa uMahlangu besafunda esikoleni,” kuchaza yena.
Uthe akukhona okokuqala elingisa efilimini yakuleli kodwa ubeqala ukudlala indawo yomlingisi oqavile.
Amanye amafilimu uThabo ake abonakala kuwona: Amandla, The Gamechangers, Homeland, The Giver nethi Fanie Fourie’s Lobola.