AYAQHUBEKA nemizamo yawo yokungenisa kuthelevishini amawele aseNewlands West njengoba ezobonakala ohlelweni lwaku-e.tv, i-Ultimate Braai Master.
La mawele, uPretty noPrecious Zondo (25), sekunesikhathi ezama ukungenisa kuthelevishini njengoba eminyakeni eyedlule ake azama inhlolokhono ngesikhathi iMTV ifuna umethuli wezinhlelo okwagcina kunqobe khona uNomuzi Mabena.
Ake aba nohlelo alwethula esiteshini somphakathi iGau TV, uhlelo lomculo, iVibe Zone.
I-Ultrimate Braai Master, okuzoba yisizini yayo yesihlanu, izoqala ukukhonjiswa ngoFebhuwari 5 ngo-4 ntambama.
La mawele azibiza ngeSpice Girls ohlelweni. Abanye abazobe bencintisana nawo kukhona kubo uGugu Ngobese noSamkelisiwe Cele baseSprings kanti amaqembu esewonke angu-10.
UPrecious uthe bahambela inhlolokhono yohlelo, ngenhlanhla bathathwa.
“Akukhona ukuthi wuhlelo esasifuna ukungena kulo kodwa sezwa ngenhlolokhono sabe sesiyozama. Sifuna ukulokhu sivela kuthelevishini ngethemba lokuthi kukhona ozosibona bese esinikeza ithuba. Akulula ukungena ngoba kwezinye izinhlelo akubi nenhlolokhono evuleleke emphakathini kodwa kubizwa abathize kuphela,” kusho uPrecious.
Uthe bazolokhu beqhubeka nezinhlolokhono kuze kube bathola eziteshini ezinababukeli abaningi.
Kulolu hlelo amaqembu ababili ahambela izindawo ezahlukene kuleli, lapho efike ancintisane khona ngokupheka ukudla okwehlukene emlilweni.
Abanqobile bazohlomula nge-voucher yakwaGame kaR200 000, imoto iSuzuki Grand Vitara nokheshi kaR400 000.