UMREPHA wakuleli, uRiky Rick uthe uzogonyuluka maduze ngenkulumo yakhe ayenze ngesikhathi amukela indondo emcimbini wama-16th Metro FM Music Awards abese-ICC, eThekwini, ngoMgqibelo.
Kuthuke abaningi abanye bamshayela ihlombe lo mculi odume ngengoma ethi Sidl’ ukotini, ngesikhathi kumele abonge indondo kodwa wathi akaneme ngoba kukhona abantu abenza kahle emculweni kodwa abavalelwa ngaphandle banganakwa.
URiky Rick ubeqala ngqa ukuthola indondo emcimbini wamaMetro FM njengoba emukeliswe eyeBest Hit Single.
Ekhuluma neSolezwe uthe akukho azokusho kwabezindaba okwamanje kodwa ucela ukuphendula imibuzo ngoLwesithathu.
“Ngimile emazwini ami engiwakhulumile kodwa manje ngeke ngisho lutho, maphakathi nesonto ngizokhuluma, ngiphendule yonke imibuzo kodwa manje akusiso isikhathi. Uma ubukhona kuloya mcimbi ubungeke ujabule indlela izinto ebezihamba ngayo kodwa konke kuzohlala obala maduze,” kusho uRiky Rick.
Lo mrepha uqhube wathi: “Khululekani ngizoyiphendula yonke imibuzo ngengikukhulumile kulo mcimbi.”
Lo mrepha ugxeke kakhulu ukungadlalwa kwamaculo abanye abaculi emisakazweni ngoba bengenayo imali.
“Ngibashayela ihlombe bonke abaculi abenza umculo osezingeni kodwa abavalelwa ngaphandle ngoba benganayo imali. Lo 90% eniwuzwa emsakazweni wumbhedo. Umculo wangempela ukwi-internet.”
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bamshayele ihlombe njengoba abanye beveze ukukhathazeka kwabo ngokungawini kukaBabes Wodumo.
UBabes Wodumo ubeqokwe eminxeni emine kulo mcimbi kodwa wabuya elambatha.
Umethuli wezemidlalo kuthelevishini nasemsakazweni, uRobert Marawa ube ngomunye ophumele obala ngokuzwelana noBabes Wodumo.
Ubhale kuTwitter ukuthi ubuhle bokuphumelela akusho ukuthi umculi kumele abe nezindondo ezingaki.
UMhlo Gumede waseMabala Noise uthe akukho abakwaziyo okuholele ekutheni uRiky Rick akhulume ngale ndlela.
Uthe lo mculi ubeqala ukuthola indondo yize eneminyaka angena emculweni.
“Ngisho ezingomeni zakhe kukhona amavesi la eveza khona ukuthi yena akasenendaba nezindondo. Siyazi-ke ukuthi njengoba ekhulume kanje yindlela azizwa ngayo ngoba ubengalindele lutho,” kuchaza uMhlo.
Engomeni yakhe ethi Sidl’ ukotini, kukhona ivesi elithi “Uma kuwukuthi kukhona abaculi abakukhokhelayo ukuthola izindondo mina angizifuni.”
Imizamo yokuthola uBabes Wodumo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.
Ethintwa ngalolu daba okhulumela i-SABC, uKaizer Kganyago ugxeke uRiky Rick ngokusebenzisa umcimbi wamaMetro ukufeza izinhloso zakhe.
“Uma kuwukuthi akayijabulele indondo ayitholile ubewangenelelani amaMetro? Akekho umculi ophoqwayo ukuthi awangenele, ibona abazilethela umculo kithi,” kusho uKganyago.
UKganyago uqhube waphendula nezinsolo ezibekwe yilo mrepha zokuthi iziteshi zomsakazo ze-SABC zidlala kuphela umculo okhokheliwe.
“Uma esho njalo uzama ukuthini ngomculo wakhe nozakwabo? Ngisho ngoba phela uyadlalwa umculo wabo bonke eziteshini ze-SABC. Uzama ukuthini ngesitebele sakhe? Okunye engingakusho wukuthi abantu uma benobufakazi bokuthi bayagwaziswa ukuze umculo wabo udlalwe emisakazweni abaphumele obala balethe ubufakazi. Sisanda kuxosha umsakazi nje kuKhozi FM ngoba kwakunobufakazi,” kusho uKganyago.
Ephawula ngabazwakalise ukukhononda ngengoma yonyaka kaNasty C, iHell Naw, uthe abantu bakhononda ngendlela elalikhethwa ngayo ekuqaleni njengoba kwakunabantu abaqokiwe ababelikhetha.
“Sakushintsha lokho sathi akuvote abantu, manje sekuyakhalazwa futhi. Ayikho into ongayenza ngemicimbi yama-Awards engagculisa abantu.”