UMCULI kamaskandi ongaconsi phansi kulezi zinsuku ngenxa yenoni lakhe elithi Elamanqamu Namhlanje (Siyobulal’uVan Damme) uSthembiso Alex ‘Mroza’ Fakude uthi akayibhekise kumuntu ingoma.
“Angiyibhekisile nakulesi sigora (uJean-Claude Van Damme) kodwa uVan Damme, okuthiwa akashayeki, uyinoma yini eyinkinga empilweni yakho. Ngithi ayikho inkinga enganqobeki. Bengikhuthaza abantu ngale ngoma ukuba baze bangalinge balahle ithemba empilweni ngoba ayikho into engasoze yenzeka. Musa ukuzehlulela kodwa qhubeka nokusebenza kanzima. Bekezela.”
UMroza uqophe umlando ingoma yakhe ihlukanisa unyaka oKhozini futhi yaqwaqwada bonke abaculi kuSABC Summer Song of the Year. Yingakho ingoma yakhe idlalwe eziteshini eziwu-18 zakwaSABC. Iculo limenyezelwe emcimbini iLast Dance Music Festival ebiseMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, ngempelasonto. Ngokuhlabana kulo mncintiswano, uMroza (30) waseMkhuze, eMkhanyakude, uzothola umklomelo olinganiselwa ku-R500 000 ohlanganisa nonyanyavu lwemoto iKia
Picanto.
Uthe namanje akakakholwa ukuthi nguye odle umhlanganiso. “UNkulunkulu ukhombisile ngami ukuthi akehlulwa yilutho. Ngesikhathi ngibhala ingoma ngangingazi ukuthi izoduma kangaka futhi ijabulise izwe. Ngisadidekile nasemqondweni.”
Uthe eqala ukucula ubeyihlaya, kungekho okholwa wukuthi uyogcina ephumelele. Akafinyelelanga kalula empumelelweni asenayo. Waqala ngo-2007 kodwa waze waphumelela nge-albhamu ka-7 ethi Kwakhala Nyonini. Usizi lwakhe uluzwa kahle engomeni eyisihloko sale CD akhuluma kuyo ngokuhlupheka ethi akuhlukane naye. Nakuba ebedonsa kanzima kodwa ayaziwa amagalelo akhe e-albhamini yokugcina yeNdidane eyayithi Ithende Lem’cimbi eyawina iBest Selling Album kuMantshontsho Kamaskandi Awards ngo2016, ekaMjikijelwa (Amangcukumane) eyadayisa kakhulu kangangoba yaze yahlukanisa unyaka (Maskandi Top 30) ezingomeni zikamaskandi ngo-2015 kanye nakweyoSaziwayo eyathola indondo yeBest Song of the Year kumaSatma neyeBest Maskandi Album ethi Iphupho futhi okuyicwecwe elayisa uKhangelani Mhlongo e-USA.
Nakuba esebenze ngokuzikhandla efukula abanye abaculi kodwa ubethwele kanzima ngoba izingoma zakhe bezingadlalwadlalwa emisakazweni futhi nasemicimbini engaqashwaqashwa.
KwiLast Dance Music Festival, uMroza uveze ikhono ebelicashile lokugida ingoma kuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa Komnotho nezokuVakasha
KwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, kwiMeya yaseMhlathuze, uMduduzi Mhlongo, neyaseKing Cetshwayo, uNonhle Mkhulise.
Nosaziwayo abasalanga ngaphandle ekugideleni ingoma yakhe. Kubo kubalwa umlingisi woMuvhango, uPhindile Gwala, onguNoni; owoZalo, uKhaya GC Dladla; umethuli weSelimathunzi, uSphesihle Vazi; umsakazi weMetro, uLerato Kganyago; nozakwabo uNtombi Mzolo.
Esikhundleni sevosho, bonke bagide ingoma. UMroza ubuye esezonandisa ehambisana nozakwabo ayiqamba nabo ingoma okungoMkhathazi waMagudla noJaiva Zimnike waMa-AK47.
Emcimbini uMroza ubuye wabhulelwa amazolo yiMafikizolo, AKA, Cassper Nyovest, Oskido, Black Coffee, Unathi Msengana, Robbie Malinga, Musa Sukwane, Professor, Happy Gal, 15 nabanye.
Abantu bebephume ngobuningi babo ukuzozibonela ukuthi kuphumelela bani phakathi kukaMroza weMabala Noise neDurban’s Finest
yase-Afrotainment ebihambisana noProfessor.
Ukuphumelela kukaMroza kususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana abantu bengavumelani ngayo. Bebebodwa abebethi besekuyikhathi sokuthi umculo wesiNtu unikwe indawo yawo kodwa abanye kubakhalisa okwenzekile.
Abanye bakhale ngokuthi bebengakaze bayizwe ngisho ukuyizwa ingoma kaMroza.