UGXEKWA ngozakwabo umfundisi otinyele izitabane enkonzweni ebiseGrace Bible Church, eGoli, ngeSonto. UBishop Dag Heward-Mills wase-Uganda obevakashele kuleli bandla eliseSoweto, ugxeke ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo entshumayelweni yakhe. Lokhu kucasule usaziwayo wakuleli uSomizi Mhlongo obesenkonzweni.
UHeward-Mills uthe umshado yisibusiso esivela kuMdali esiphakathi kwabantu ababili bobulili obungafani. Uthe lokhu osekwenzeka manje kokuthandana kwabantu bobulili obufanayo akwamukelekile.
Wenze isibonelo ngezilwane athe ngeke ubone ezinobulili obufanayo zithandana.
Lokhu kumthukuthelise kakhulu uSomizi ogcine ngokuphuma inkonzo isephakathi. Ubhale ku-Instagrama ekhombisa ukunengeka ngokwenzekile. Engxogxweni Isolezwe elibe nayo nabefundisi bamabandla ahlukene bavumelane ngokuthi konke uBishop abekusho bekumele afundise ngokushiwo ibhayibheli angakhulumi into ebese engayisekeli ngombhalo.
U-Apostile Bonga Mngomezulu, webandla i-Apostolic Church of Southern Africa uthe ngeke angene kakhulu kokokugxeka kodwa abantu kumele balazi iqiniso.
“Umbhalo kaThimothewu uthi kumele abantu bafundiswe futhi bashunyayezwe iqiniso. Akukuhle ukuthi ukhulume ngento bese ungayifakazeli ngebhayibheli kumele ulivule ukuze kuzwakale ukuthi uNkulunkulu uthini,” kusho * -Apostile Mngomezulu.
Uthe emabandleni kufika yonke inhlobo yomuntu, ababhemayo nabaphuzayo, uma kumele bakhulume ngokuthinta ugwayi notshwala abagxeki kodwa bafunda imibhalo engahambisani nakho ukuze abakwenzayo bafundiseke ukuthi akwemukelekile.
UPastor Bheki Zungu we-Ikhaya Lokuthula in Zion of SA, uthe umfundisi bekungamele asuke ebhayibhelini, bekumele afakaze ngalo.
“Vele abantu abathandana nabanobulili obufana nobabo ibhayibheli liyabachitha. Bekumele inceku ingagxeki nje kuphela kodwa icaphune nombhalo ofakazela ebikusho,” kuchaza uPastor Zungu.
UFata Smilo Mngadi webandla lamaRoma, uthe konke abefundisi abakushumayelayo kungcono bakufakazele ngebhayibheli.
“Inceku uma kuwukuthi ayilisebenzisanga ibhayibheli ayangawusho nombhalo ofakazela lokhu, cha yona impela ishelelile,” kusho uFata Mngadi.
Uthe okunye okwenze inceku yakhuluma ngale ndlela ukuthi iphuma kwelinye izwe la kungenzeka ukuthi akwamukelekile ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo. UMthunzi Namba weHis Glory Worship Tabernacle, uthe abefundisi abaqikelele ukushumayela okusebhayibhelini.
“Umuntu akangabeki umbono wakhe, akumele sibagxeke abantu kodwa imibhalo esebhayibhelini kumele siyisebenzise. Abantu kumele sibashumayeze, izwi libahlabe enhliziyweni,” kusho uNamba.
UNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva uSihlalo weKhomishini ebhekele ukuvikela inkolo, amasiko nezilimi emphakathini, uthe abafundisi uma bemema abanye bakwamanye amazwe kumele babatshele ukuthi kuleli kuphilwa kanjani.
“Amabandla kudingeka azise izimenywa zawo ngomthetho sisekelo wakuleli. USomizi uyachaza ukuthi kade aqala ukusonta kuleli bandla ngakho abefundisi bakhona bekumele batshele isivakashi ukuthi kukhona hlobo luni lwabantu,” kuchaza Mkhwanazi-Xaluva.