Musani ukujwayela ukuzibiza ngomemu ngoba uzothola ukuthi mhlawumbe isikole kade saphuma, mhlawumbe futhi nje kukhona owuthish’omkhulu okumele umkhothamele, kuloba uDISTANCE GUMEDE
Abanye mhlawumbe badidwa okanye baphambanisa incazelo yawo. Kahle hle ngempela obani abantu ababizwa ngomemu? Bona ababizwa ngomakhwapheni obani?
Namhlanje ngibone kungcono ukuthi ngibhale ngalesi sihloko ukuze nginicacisele kabanzi ngoba kungenzeka ukuthi ulokhu uzitshela ukuthi uwumemu kanti ungumakhwapheni kodwa awazi.
Okokuqala nje kumele sazi ukuthi ukuze ube ngumemu kunezigaba okumele wena nothandiweyo wakho nidlule kuzona okanye nizenze. Ngeke ungitshele ukuthi ngokuba nengane nje nalowo muntu usuzibona ufanelwe ukubizwa ngomemu njalo.
Ngeke ungitshele futhi ukuthi ngokuthandana nje iminyaka emihlanu nalowo muntu usuzibona ungumemu njalo, ayidumi kanjalo uma izosuka, ngisho ngabe senikipite iminyaka eyishumi uma engakhiphile ngisho uzukwa ekhaya kini awukabi umemu.
Mhlawumbe thina bantu igama elithi umemu silicabanga ngenye indlela, umemu umuntu owaziwayo ekhaya kini nawe owaziwayo kubo, umuntu othumele abakhongi ekuseni ngovivi bavunywa balobola noma ngabe anikashadi kodwa uma kukhona abazali bakho abakudla ngawe usungazibiza ke ngomemu ngoba kusuke kwaziwa emindenini yenu nobabili.
Ngisho abantu basuke bazi ukuthi intombazane yakwaGumede iganele kaMthembu noma kwaMkhize, kusuke kwaziwa ukuthi ngisho ungabonakala uqhuba isisu uyaziwa umuntu okukhulelisile, kusuke kwaziwa ukuthi uma ungekho uye kubo kwesoka abazali bakho basuke bazi ukuthi uma kwenzeka uvelelwa into bayoqonda kumuphi umuzi ngoba abakhongi bafika.
Iyangixaka mina le nto yokuthi umuntu ahambe eqhosha ezibiza ngomemu ekubeni engaziwa ngisho nayidlozi lakubo kwendoda, engakhisheliwe ngisho uzukwa wodwa lo umuntu ahambe eqhosha ngokuthi yena usethandane nomuntu wakhe iminyaka eyishumi.
Asinendaba thina nalokho noma ngabe senithandane iminyaka emingaki uma ningakathathi gxathu eliya phambili nisafana nabantu abangekho, ngisho ngabe ninezingane ezintathu thina asinendaba ngoba lelo akulona ithikithi lokuba umemu, kusangenzeka noma yini.
Usangasala khona nezingane zakho ezintathu kulotsholwe omunye umuntu enziwe umemu, usangashiywa khona senikipite iminyaka eyishumi kuvele kuzolotsholwa umuntu wezinyanga ezinhlanu enziwe umemu wena mhlawumbe uphenduke umakhwapheni.
Ngivele ngixakeke nje umuntu ahambe ebalisa ethi indoda yakhe ikhulelise ngaphandle, ngaphandle kwani nawe ungalotsholiwe ungenzelwe lutho?
Uthole ukuthi awaziwa ngisho emakhaya endoda mhlawumbe uyintombi nje yalana edolobheni, ngokuzwa nje abangani besoka bekwenza isilima bethi “sawubona mfazi kabafo” nawe awusazikhohliwe ungumfazi ngempela.
Asingathandi izinto ngale ndlela, umuntu akazazi ukuthi uyini ukuze agweme ukuba inhlekisa kusasa, zazi ukuthi uma umuntu engakakhiphi lutho kini noma wena ndoda ungakakhiphi lutho kubo awukabi yilutho kuyena.
Uma ungaceliwe, ungalotsholiwe, awuyena umemu, ngisho kungathiwa indoda ike ikunike imoto yayo uyishayele, ngisho kungathiwa ikhadi layo lasebhange lihlala kuwena, awuyena umemu.
Musa ukusanganiswa ukuthi indoda ikubiza ngomemu ibe ingakaze iyovela kini.
Ujatshuliswa ubala nje lokuthi nikipitile kuphela. Ukuba umemu akube yilokhu kwasemthethweni, ube yingoduso noma umakoti, hhayi umemu wesikole esingakaze singene.
Uzohamba uzibiza ngomemu kanti kudala saphuma isikole, mhlawumbe uthole ukuthi kukhona uthish’omkhulu.
* UDistance Gumede uqeqeshelwe ubuhlengikazi. Unentshisekelo yokusiza abanezinkinga zocansi nezothando. Uyatholakala e-320 Building kuPixley kaSeme Street eThekwini. Ungaphuthelwa ibinza lakhe kwiGagasi 99.5 FM ohlelweni i-I Love Mornings noMzokoloko noNonjabs ngoLwesibili ngo-8:15.