UZOVALWA eMax’s Lifestyle, eMlaza, umcimbi omkhulu wama-16th Metro FM Music Awards, ozoba seNkosi Albert Luthuli Convention Centre, ngoMgqibelo.
Umcimbi obizwa ngeWrap Up Party uzobe ubophele osaziwayo abahlukene bakuleli.
UMax Mqadi (osesithombeni) ongumphathi wale ndawo uthe konke sekumi ngomumo ngalo mcimbi. Amasango azovulwa ngo-12 emini.
Uthe kukhona uhlelo lweMetro FM olusakazwa ngeSonto oluzosakazelwa kule ndawo bukhoma.
“Konke sekumi ngomumo ngalo mcimbi oqukethe abaculi abahlonishwayo kuleli. Izinhlaka zethu zonke zezokuphepha seziwulungele,” kusho uMax.
Uthe ucela abantu basebenzise uhlobo olusha lwezithuthi olwaziwa nge-Uber ukuze kugwemeke isiminyaminya emgwaqweni.
“Kwesinye isikhathi izimoto ziyalimala ngakho kungcono abantu kube khona izimoto ezibalethayo emcimbini ukuze ezabo ziphephe. Abanye siyanxusa ukuthi bazicelele komakhelwane abaseduzane ukuze zihlale kahle ngaphakathi,” kuchaza uMax.
Uthe abafuna ukuba yingxenye yomcimbi bazongena ngo-R150, VIP R350, VVIP 950.
“Abantu sicela bafike neziqandisi zabo ezingenalutho phakathi njengoba konke bezokuthenga khona bakufake kuzo ukuze sigweme olayini abade kuyothengwa iziphuzo. Ukudla nakho kuyobe kukhona kudayisa,” kuchaza uMax.
Kubaculi abazobe bekhona kubalwa * -Amanda Black, Babes Wodumo, Kwesta, Nasty C, Durbans Finest, Professor, Big NUZ, Anatti, Glen Lewis DJ Tira nabanye.
Uhlelo luzobe luphethwe uSomizi Mhlongo, Oros noSlots.