KUQUBUKE indida ngesithombe esinoBabes Wodumo noMampintsha esisabalele ezinkundleni zokuxhumana bevunule beconsa kuhle kwabantu abashada umshado wesintu izolo.
Kushone elayizolo siyindaba egudwini isithombe salaba bobabili, abangumculi nomphathi enkampanini iWest Ink.
Iningi kuFacebook, Twitter naku-Instagram beliphawula ngokucasuka lisola ukuthi lo mcimbi ubuhleliwe yingakho bengayanga emcimbini wanamuhla wezindondo zamaBET International Awards eLos Angelos lapho uBabes Wodumo eqokwe khona.
Abanye aqokwe nabo balapha eNingizimu Afrika okungu-AKA noNasty C emkhakheni weBest International Act: Africa balifulathele elakuleli maphakathi nesonto ukuyolungisela umcimbi omkhulu oqale izolo uphothulwe namhlanje.
Mayelana nokungahambi kwabo oBabes Wodumo noMampintsha basole inkampani abathi ibazise sekudlule isikhathi
ukuthi kumele bazihlelele amaVisa okuhamba baye e-USA.
Okhulumela iWest Ink uKhulekani Ntshangase uthe nakuba engazi ukuthi isithombe sisatshalaliswe ngubani, kodwa sidala lesi sithombe.
“Lesi ngesinye sezithombe ebesizishuthe emasontweni amabili edlule.
“Besihlele ukuthi uma sesifika phesheya kwezilwandle kube ngesinye sezithombe esizithumela kwabezindaba ngoba besingenalo iqiniso lokuthi ezizoshuthwa uma siphesheya sizokwazi yini ukuzithola,” kusho uNtshangase.
Uthe ziningi izithombe oBabes noMampintsha abazishuthe bevunule futhi akubona bodwa abagqoke ngale ndlela.
“Kukhona nesikaDJ Boonu ongomunye ebesizohamba nabo evunulise okwenkosi. Lokhu akuchazi ukuthi useyinkosi ngempela, kodwa bekuyindlela yokuqhakambisa imvunulo uma sesiphesheya,” kusho uNtshangase.
Kwenzeka lokhu nje imimoya isephezulu kubalandeli bakaBabes ngenxa yokungahambi kwakhe besola uMampintsha ngokumenzela phansi.
Abanye bake baveza ukuthi kungakuhle ukuthi uBabes Wodumo ahlukane noMampintsha ukuze izinto zakhe zilunge.
Esithangamini nabezindaba abasibize ngoLwesihlanu ntambama eDocklands Hotel eThekwini oMampintsha noBabes Wodumo, baveze akukho okuzobahlukanisa.
UMampintsha uthe ngeke amdedele noma ngabe sekunjani uBabes Wodumo njengoba kuthe eqala iWest Ink yaduma ngenxa yakhe.
NoBabes Wodumo uthe abanesifiso sokuthi aphume eWest Ink kabakhohlwe.