NGICELA ukuqala ngokubongela inkosazana yakoPhakathwayo, uDistance Gumede, ngengosi yayo entsha kwiGagasi FM lapho yabelana khona nomphakathi ngezindaba nemibono eyiqukethe neyiphathisiwe. Halala Yeyeye qhubeka njalo nokuhlonipha isizwe osiphakelayo kule nqolobane yakho.
Kuningi okwenzekayo osukwini olunjengalolu lwanamuhla lwezithandani kuhlanganisa nocansi esasho kaningi sathi liwumlabalaba wemizwa elunjaniswe ngobunono obukhethekile. Uma konke sekwenzekile ekugcineni yizicubu zomgudu wesifazane eziletha lobuya bumnandi nenduku yowesilisa engasheshi ukudubula okuyolawula ukuya kwenu ocansini. Okuhlanganisa lokhu kokubili, yimizwa egazingwe yathakwa, yaphakwa ngobunyoninco ekulumbaniseni lezi zicubu kowesifazane nale nduku. Lokhu kuwukhiye.
Izicubu zomgudu wowesifazane zilawula ubumnandi ziholele kuvuthondaba. Iningi labesifazane alifuni ukuvuma ukuthi yilona eliholela kuvuthondaba. Kwenzeka kanjani lokho? Izicubu zesitho sangasese zifana nezinye futhi zisebenza njengezinye. Kulo mgudu zintathu izinhlotshana zezicubu ezikhona. Isicubu esikhulu nesibanzi kunezinye kuthiwa yiPC (Pubococcy-geous). Lesi sicubu sindlaleke kusuka ngasemsileni wesinqe size siyothi chaphasha kuleli thambo elingaphambili. Sesisho kaningi ukuthi zihlole njalo lezi zicubu ukuthi zisesesimeni esifanele yini ngokwenza lokhu:
Lala ubheke phezulu bese udedela umchamo. Uma ukwazile ukuwubamba ngqi umchamo lapho usuphuma kamnandi hhayi kusho ukuthi kusahamba kahle. Uma uhluleka ukuwubamba bonana nodokotela ukuze usizakale.
Lala ubheke phezulu bese ufaka umunwe emgudwini wakho. Ubambe uwuthi ngqi ngezindonga zomgudu wakho. Uma ubambekile kusho ukuthi kusahamba kahle kanti uma kungasenzeki lokhu bonana nodokotela.
Kumele uye kudokotela akusize ungasebenzisi izinto ezingathi shu nezinhlanganisela ongazi ukuthi ziqhamukaphi nokuthi zisebenza kanjani. Ngiyaye ngizwe abanye bethi kuneziphuzo ezizoyizayo ezibuyisa lezi zicubu. Abanye bakhuluma ngezinhlanganisela okuthiwa ngo ‘gudluz’ umemu’ okuthiwa ziyasiza. Yizithako ezikuchithela isikhathi lezi ugcine ufake emzimbeni okufike kwandise umonakalo konakale nezingxenye ezibalulekile.
Izicubu zinemizwa ethungelana kuzo, zona ziyafingqana zivuleke uma owesifazane esevukelwe okanye zenanele induku engenayo kuzona. Ubumnandi balokhu kumuntu wesilisa buzwakala kahle uma sezidonsa donsa induku ziyibamba ziyidedela ezindaweni ezahlukene. Lolu zoyizo lokuwotwawotwa kwenduku luyamhlanyisa ngobumnandi owesilisa. Baningi abesifazane abakhala ngokuthi ezabo izicubu sezathamba. Isizathu kungaba:
Ukuqala ukwenza ucansi useyiklume umncane kakhulu.
Ukwenza ucansi nabantu abahlukahlukene.
Ukuthola abantwana ngendlela yendalo babe baningi.
Isimo lapho udaleke waba nezicubu ezithambile, ngaphandle kwezinye izizathu.
Ukungazivocavoci, ikakhulukazi ngendlela eqondene nezicubu zomgudu wesifazane.
Ngiyathanda ukukhumbuza abantu ukuthi ukungayi ocansini akusho ukuthi izicubu zomgudu wakho ziyohlala ziwu ngqo nazo ziyaguga njengazo zonke izicubu zigcine sezithambile.
Kumuntu wesilisa kuseyimizwa elawula ukusheshe adubule, achame. Lokho kuyaphoxa futhi kuyihlazo. Kunabesimame abaxolela induku engavuki kunesheshe idubule. Lesi simo siyelapheka. Kuyamangaza ukuthi kunabesilisa abaningi abalokhu beqhubeka belambisa abalingani babo ngenxa yale nkinga. Induku yomuntu wesilisa iba mfishane uma ingaphansi kuka-4.5cm. Empilweni yami yobudokotela ngisahlangane nowesilisa oyedwa owayenenduku eyayingaphansi kuka-4.5cm uma ingavukile. Abesilisa abaningi banezinduku eziwusayizi okahle. Masiyeke ukukhohliswa ngokuthi kukhona izinto ezikhulisa induku, ayikho leyo nto. Umqondo okhululekile ongenangcindezi wenza nenduku ikhule futhi ibe banzi.
Okudingekayo ocansini ngububanzi benduku. Sebebaningi abesilisa abafika bezokwandisa ububanzi benduku besebenzisa ubuhlalu. Angikahlangani nenkinga ebangwa wubuhlalu ngaphandle kobumnandi bokukwazi ukuthinta izinhlangothi zonkana zomgudu wowesifazane uma nisocansini. Ake sithi fahla ngalezi zindawo ezisemgudwini abesifazane abezwa ubumnandi kuzo kunezinye. Sasithe zinhlanu lezi zindawo. Ungazazi ngaphandle kokuya ocansini.
Abesifazane bathanda ukwenziwa lapha ngaphezulu ngakubhontshisi, nasophahleni (G spot) lomgudu wabo, bathanda ukuzithinta njalo lapha ngaphezulu baze bayithi hliki hliki le ndawo benyakazisa nesiketi. Abathanda ukuthintwa lena ezansi ubabona ngokuthi uma ehlezi elokhu egobisa iqolo sengathi uphakamisa izinqe, aphinde athi vosho.
Abathanda ngasekuqaleni komgudu (vaginal meatus and first third) ubabona ngokunyakazisa imilenze njalo nangokubhala * ‘4’ uma behlezi. Kwesinye isikhathi abahlali phansi, ubabona behla benyuka.
Le minyakazo bayenza benganakile njalo ngaphandle uma evukelwe kakhulu esesimeni lapho engakwazi ukusizakala khona.
Ngiyethemba ukuthi abafisa ukuya ocansini bazokwazi manje ukuthi wonke umuntu uyakwazi ukufinyelela kuvuthondaba. Sikhumbule ukuthi uma owesifazane evekuza uma nisocansini usuke ehola wena muntu wesilisa ukuze wenze ngendlela afuna ngayo. Sinifisela usuku olumnandi lwezithandani. Abazoya ocansini:
Zingasheshi ukuchitha izinduku.
Ayingayulwa kakhulu imilenze.
Ucansi oluphephile njalo nje!
Mpilonhle Mpilonde!