UKWALIWA isinqanda mathe sakho kuyinto ekhona futhi eyenzekayo, yize kuyinto ebuhlungu futhi eshiya omunye ehlukumezekile emphefumulweni nasenhliziyweni kodwa kusuke kungasho ukuphela komhlaba, usangakwazi ukuphila impilo emnandi yize waliwe kuze kube uthola omunye futhi. Namhlanje sifisa ukunika amathiphu kubantu abaliwe izithandwa zabo nokuthi udlula kanjani kulokho uqhubeke nempilo.
1. Uma kwenzekile waliwa, zifundise ukwamukela isimo sinjengoba sinjalo.
2. Zitshele ukuthi bekungesiye owakho kodwa owakho usazomthola.
3. Gwema ukuhlala wedwa ukuze ungaphathwa umzwangedwa nokhwantalala lokulokhu ucabanga ngaye.
4. Cisha yonke into engakwenza ukuthi ulokhu umcabanga okungaba izithombe, imiyalezo ebenithumelelana yona nenombolo yakhe.
5. Uma usuphumile kuye gwema ukulokhu uxhumana naye ngoba lokho kungakwenza ulokhu ucabanga ngaye.
6. Hamba uyozijabulisa ngaphandle mhlawumbe uyozidlela kamnandi ukuze ukhohlwe futhi uzitholele nabantu abasha ongaxoxa nabo.
7. Ungasheshe uqome okanye uqonywe ngoba uthi wenzela ukuziduduza ngoba lolothando luzofana nento efile.
8. Uma kwenzeka uhlangana naye ungakhombisi ukumdinelwa kodwa futhi ungamnameli kakhulu ngoba kungenzeka afune ukubuya ezokuxhaphaza.
9. Ungakhombisi ukuba desperate ngoba uzobukeka njengesishimane futhi uzoba inhlekisa kubantu.
10. Khumbula ukuthi ukuzithanda wena kubaluleke ukudlula loluthando obuluthola komunye umuntu. Ungavumi ukuhlukunyezwa omunye umuntu kukumoshele ikusasa lakho. Kuhle ukwazi ukuthi uma uthando obukulo lukudalele izibazi ngaphakathi kuwe, linda uze uphole uqede ngaphambi kokufuna uthando olusha. Ukugijimela ukuqoma/ukuqonywa ngeke kukusize.