INKOSIKAZI yomculi wowokholo oshone ekuqaleni kwenyanga eyedlule, uSfiso Ncwane, ubonge abantu ngokumvumela azile ngokuthula njengoba eseqala indlela entsha njengomfelokazi.
U-Ayanda, ubhale ekhasini lakhe lika-Instagram okokuqala ngqa kusukela kwashona uNcwane okuthiwa wajuqwa yizinso esibhedlela saseGoli.
“Ngibone kukahle ukuthi ngithathe isikhathi ekuzileni kwami nobuhlungu obukhulu enginabo ngithi ngiyabonga kakhulu kini nonke ngothando enalukhombisa kumyeni wami, ngemicabango nemithandazo yenu kithina njengomndeni. Ngiyabonga ngokungivumela ngizile ngokuthula futhi ngasese njengoba sengiqala le ndlela entsha futhi engajwayelekile njengomfelokazi,” kubhala * -Ayanda.
Uthe baze bahlukaniswa wukufa nomyeni wakhe.
U-Ayanda kuthiwa ngendlela ahlukumezeke ngayo ngokushona komyeni wakhe, uhluleke ngisho wukuya emcimbini wabo waminyaka yonke iGospel All Stars, eCentrum Park, eThekwini, ngoMgqibelo.
Phambilini * -Ayanda wathi ufuna ukuzila ngokuthula njengoba noNcwane kwakuyindoda yokuthula.
Wathi ngenxa yalokho ngeke akwazi ukukhuluma nabezindaba.
Abantu ekhasini lakhe lika-Instagram bakhombise ukuzwelana naye kakhulu bemqinisa idolo ngoNkulunkulu.
Amadodana abo uNgcweti noMawenzokuhle wona abelokhu efaka ezinkundleni zokuxhumana ephawula ngoyise ngezinto ezahlukene.