UMCULI weHouse uDr Malinga usalokhe ekhale njalo ngokungayinqobi indondo yeSong of the Year kumaMetro FM Music Awards ngeculo lakhe elithi Akulaleki. UMalinga ubeyingxenye yamaciko azwakalisa ukungenami ngokungatholi ndondo kulo mcimbi obubanjelwe e-ICC eThekwini ngoMgqibelo. Emva kokumenyezelwa kokuthi umrepha uNasty C uyena onqobe indondo yeSong of The Year, uMalinga akananazanga ukubhala ekhasini lakhe kuFacebook ukuthi umthanda impela lo mrepha kodwa ayimufanele le ndondo.
Nayizolo ebusuku bekusabonakala ukuthi unengekile ngokungayitholi lendondo njengoba ebhale wathi, “ngizozithengela mina indondo yeSong of the Year ye-Akulaleki esitolo sezindondo.”
UMalinga, ulandelise lo mbhalo ngokuthi, “ibhomu lokuqala kwaba uVan Damme, manje sekuyiHell Naw.”
Kuzokhumbuleka ukuthi nangoDisemba 31 uMalinga wayengomunye wabaculi ababelindele ukuhlukanisa unyaka oKhozini FM ngayo i-Akulaleki, nokho kwagcina kunqobe uMroza ngoVan Damme.