BANGENELA ubuthaphuthaphu kumaSouth African Music Awards (Sama) abaculi bakuleli okuvalwa namhlanje ukwamukelwa kwemingenelo.
Isikhulu esiphezulu sale miklomelo, uThobela Dlamini, sikuqinisekisile ukuthi namhlanje kuyavalwa ukungenela. Ukungenela selokhu kwavulwa ngoNovemba 1 ngonyaka odlule. Kuvumeleke ukuthi kungenele abaculi abakhipha phakathi kukaDisemba 31 noJanuwari 31 ngo-2016.
“Bangenela kakhulu abaculi. Izinombolo eziqondile zokungenela anginazo kodwa bona bayangena. Kuyoze kuvalwe ngo-12 ebusuku,” kusho uDlamini.
Akafunanga ukudalula ukuthi abaqokiwe kule miklomelo okuzoba ngeka-23 bazomenyezelwa nini nokuthi umcimbi uzoba kuphi. Ngonyaka odlule amaSama ayeseThekwini ngenxa yokuthi iSun City ayejwayelwe ukuba kuyona yayilungiswa.
“Asikakabi naso isiqiniseko sokuthi ayaphi kulo nyaka,” kusho uThobela ngamafuphi.
Kulo nyaka kuneminxa emithathu emisha efakiwe okungoweBest African Indigenous Gospel Album (Clap & Tap/Zion Music), Best African Artist Album noweBest Afro Pop Album.
Imininingwane yokungenela itholakala ku-website ethi www.samusicawards.co.za.
Khonamanjalo kuyavalwa nokungenela imiklomelo yemisakazo amaLiberty Radio Awards namhlanje.
Phambilini le miklomelo yayaziwa ngamaMTN Radio Awards. Abaqokiwe bazomenyezelwa kuw-website yakhona ngoMashi 22 abawinile bamenyezelwe emcimbini ozoba se-Emperors Palace ngo-Ephreli 8.
Imininingwane yokungenela itholakala ku-www.libertyradioawards.co.za.