UMREPHA osematheni kulezi nsuku emva kwenkulumo yakhe kumaMetro FM Awards, uRiky Rick, usephumele obala wakuqinisekisa ukuthi akaseyona ingxenye yeMabala Noise. Isolezwe NgeSonto belibikile ngokugqashuka kwefindo phakathi kwalo mrepha neMabala abengaphansi kwayo, kodwa zithintwa zombili izinhlangothi zakuchitha lokhu.
Namhlanje ekuseni nokho uRiky Rick ubhale ekhasini lakhe kutwitter ukuthi akaseyona ingxenye yeMabala Noise, waveza nokuthi lesi sitebele simphuce 'izinto'. Umthombo ongashayi eceleni ubukuvezile ukuthi lo mrepha uphucwe izimoto ezine abezinikwe yile nkampani.
"Emva komkhuleko omude ngikhuluma noMdali, angiseyona ingxenye yeMabala Noise. Ngibafisela izibusiso lawo maciko asengaphansi kwale nkampani. Ngiyabonga ngothando eninginike lona," kusho uRiky.
Lo mrepha uqhube waveza ukuthi wavuleka amehlo emva kwenkulumo yakhe kumaMetro FM Awards, eyasusa umsindo ngenkathi edalula ukuthi amaciko angenamali avalelwa ngaphandle emsakazweni yakuleli. Nanka amazwibelo enkulumo kaRiky Rick kutwitter:
Dear friends and fam, The past couple weeks have been hectic. The metro speech was a moment of clarity for me. Brought me back to reality.
— #STAYSHINING 🌍 (@rikyrickworld) March 13, 2017
I didnt think about the consequences or who would get mad. I just wanted to do the right thing. Inspire the kids to not be slaves to THEM.
— #STAYSHINING 🌍 (@rikyrickworld) March 13, 2017
You might see all this material shit and think It makes life easier. It doesnt. Money Its just an illusion to keep us making DUMB decisions.
— #STAYSHINING 🌍 (@rikyrickworld) March 13, 2017
At this point They have taken back what they think makes me happy. They have threatened the future of me and my family. They want us gone.
— #STAYSHINING 🌍 (@rikyrickworld) March 13, 2017
They gonna want you to believe that Im crazy or Im playing politics. NO. IM JUST WOKE.
— #STAYSHINING 🌍 (@rikyrickworld) March 13, 2017
The world is ready for us to be ourselves. I didnt think its time but you all encouraged me with all your emails and tweets. Lets rebuild.
— #STAYSHINING 🌍 (@rikyrickworld) March 13, 2017
After long prayer and conversation with God, I am no longer part of @Mabala_Noise🙏🏾 Blessings to everyone there. Thank you for the love.👊🏾
— #STAYSHINING 🌍 (@rikyrickworld) March 13- mcebo_mpungose