UDJ ongaconsi phansi kubathandi bomculo kuleli nakumazwe aphesheya, uBlack Coffe, usethenge indawo yobumnandi edumile eSoweto eGoli, iZone 6.
IZone 6 ingenye yezindawo zobumnandi ezidumile eGoli, kanti kamuva nje isanda kusingatha umcimbi womrepha uCassper Nyovest ethula i-albhamu yakhe entsha iThuto. Le ndawo idlise kakhulu ngokuba nemcimbi yalolu hlobo kanti kubikwa ukuthi uBlack Coffee akekho ezinhlelweni zokuyiguqula kakhulu.
UBlack Coffe uqinisekise lezi zindaba ekhasini lakhe kutwitter wathi ujabule ngalokhu.
"Sijabule ukunazisa ukuthi sesithenge ingxenye yendawo yobumnandi iZone 6. Lokhu kuzosinikeza ithuba lokuthi sibe nesandla ekukhuleni kwayo," usho kanje.
"We are pleased to announce the @Zone6Venue stake acquisition , an opportunity to further contribute to the culture. pic.twitter.com/mm4ICAANNF
— #PIECESOFME (@RealBlackCoffee) June 20, 2017
Going in with @garyvee...in a few. pic.twitter.com/GydmMT2MKR
— #PIECESOFME (@RealBlackCoffee) June 21, 2017