UZOQALA ukubonakala ngoJanuwari 16 ekhuza ibuya kuGenerations The Legacy uConnie Ferguson odlala indawo kaKarabo Moroka.
Lo makadebona kwezokulingisa washiya ngemuva kokuthi kade esebuyile isikhathi esingangonyaka.
UConnie waba phakathi kwabalingisi abasha ababuya ngesikhathi iGenerations: The Legacy iqala kabusha ngemuva kokuxoshwa kwenqwaba yabalingisi ababetelekile.
Ngesikhathi sekuqashwa abalingisi abasha uConnie waba ngomunye umlingisi owabonakala ukuqala kwalo mdlalo, nakuchaza ngokuthi akafuni ukuwubona ushabalala ebe ekhona.
Okhulumela iGenerations: The Legacy, uGaaratwe Mokhethi, uthe uConnie uzohlala amasonto ambalwa ukuqedela iziqephu ezincane ezisamdinga.
“Kukhona la edingeka khona eziqeshini ezimbalwa ngakho ngesikhathi ecelwa ukuthi akafike futhi azoqedela ezinye iziqephu akabanga nankinga uvele wavuma ngakhoke yikho eqale ukuqopha futhi,” kusho uGaaratwe.
Uthe bona kulo mdlalo banobudlelwano obuhle kakhulu naye uConnie futhi ujabulile ezwa lezi zindaba.
Ukuqinisekisile ukuthi uConnie ngeke abonakale nsuku zonke njengoba ezobuya.
“Uzovela uma kukhona iziqephu ezimdingayo kuphela. UConnie, onguKarabo, uyohlala ewukhiye kulo mdlalo,” kusho uMokhethi.
Ekhuluma nelinye lamaphephabhuku eliphuma kanye ngenyanga uConnie waveza ukuthi uphindela kulo mdlalo isikhathi esincane njengoba ezoqopha izinsuku ezine kuphela.
“Angazi yini ndaba abantu benze le nto yokubuyela kwami kulo mdlalo indaba enkulu. Sincane kakhulu isikhathi engizosichitha nengizobonakala ngaso kuthelevishini,” kusho uConnie.
Ebuya kulo mdlalo uConnie wabuya esethandana noTau (Rapulana Seiphemo), bagcina beshadile kodwa kwabuye kwaba nezinkinga emshadweni wabo wagcina esehamba eya phesheya kwezilwandle wamshiya.
Njengoba ebuya nje uzoqeda ngomshado wabo.