UMCULI we-Afro Soul ozakhele udumo ngokushaya isigingci ukhiphe ingoma entsha athi akangabazi ukuthi izothokozelwa abantu abaningi. UBerita uthe ekuqaleni kwale nyanga ukhiphe ingoma ethi Suprises kanti ngonyaka odlule ukhiphe ethi Nguwe Wedwa.
Utshele Isolezwe ukuthi uzalelwe waphinde wakhulela eZimbabwe.
“Ngiyazi ukuthi iningi labantu licabanga ukuthi ngingumXhosa kodwa akunjalo ngize eNingizimu Afrika ngenxa yemfundo ngabe sengihlala e-Eastern Cape. Lokhu kwenze ngakwazi ukukhuluma isiXhosa yingakho abaningi becabanga ukuthi ngizalelwe la,” kuchaza uBerita.
Uveze ukuthi akahlali nabazali bakhe ugcina ngokubavakashela emazweni abahlala kuwo phesheya.
Ephawula ngomculo wakhe uthe okumenze wakhipha izingoma ezimbili iminyaka ilandelana wukuthi umatasa nge-albhamu yakhe ephelele azoyikhipha ekupheleni kwenyanga.
Uthe kulo mucu obizwa ngeSuprises ukhuluma kakhulu ngokuphila impilo ejabulisayo.
“Ngibone kungcono ukuthi ngaphambi kokukhipha i-albhamu ngiqale ngikhiphe umucu ozochazela abantu ngale albhamu yami ezayo. Izingoma ezikuyona zikhuluma ngenjabulo nangokuvula inhliziyo kubantu abadinga usizo nokunye,” kusho uBerita.
Ubuye wathi usebenzisane nophrojusa asesebenze nabo isikhathi eside enkampanini aqopha ngaphansi kwayo iNative Rythm, uMjakes Thebe noKunle Ayo.
Uthe ngoMashi iyaphuma i-albhamu yakhe ezobe iqukethe zonke izingoma abesebenza kuzo.
“Impilo yami yonke bengilokhu ngigxile emculweni. Ngisebenze kanzima ukuze kuphume i-albhamu. Ngiyathembisa ukuthi maduze ngizoshutha i-video,” kuchaza yena.
Uthe ingoma ethi Nguwe Wedwa yenza kahle kakhulu eziteshini zemisakazo ehlukene kuleli.